NJALO ngoJulayi 28, umhlaba ugubha iWorld Hepatitis Day, okuwusuku lokuqwashisa ngesifo esihlasela isibindi.
KwaZulu-Natal, uNgqongqoshe wezeMpilo uNksz Nomagugu Simelane, udonse ngendlebe abantu ukuthi basheshe basukume uma kukhona abangakuzwa kahle emzimbeni ngoba ihepatitis, ebuye ibizwe ngohephisi ibulala umuntu oyedwa njalo ngama-sekhondi awu-30, emhlabeni jikelele.
UNksz Simelane uthe kule nyanga abantu kufanele bafunde kabanzi ngesifo ihephisi, ukuze bagweme ukubulawa yiso.
“Ihepatitis yisifo sokuvuvukala kwesibindi okubangelwa amagciwane ahlukahlukene athathelanayo nangathathelani, okuholela ezinkingeni zezempilo ezihlukene. Ezinye zazo zingagcina zikubulala,” kuchaza uNksz Simelane.
Uthe phakathi kwezimpawu zehepatitis kubalwa ukukhathala sengathi uphethwe wumkhuhlane, ukukhipha indle ephaphathekile uma uyozikhulula, umchamo ongcolile nobuhlungu besisu.
Okunye ukungathandi ukudla, ukuncipha emzimbeni ngendlela engachazeki nokuba namehlo aphuzi ahlobene ne-jaundice, nesikhumba.
Ungqongqoshe welulek abantu ngokuthi kufanele baphuthume emtholampilo uma benalezi zimpawu, bangazibi ngoba ihephisi iyabulala.
Uveze ukuthi umuntu angalashwa ngokuphuza imithi namaphilisi akunikwa esikhungweni sezempilo. Ubalule ukuthi nokugoma kuyasiza ukuthi abantu bangahlaselwa yihephisi (isibonelo eminye imigomo etholwa yizingane ivikela ihephisi).
UNksz Simelane uphethe ngokuthi abantu kufanele bahlanzeke, baye ocansini oluphephile, bangabolekani ngezinaliti, ama-razor, nezixubho.