INHLANGANO elawula abasebenza ngemali kuleli, iFinancial Sector Conduct Authority (FSCA) isiveze ukuthi inkampani esiza abatshala imali kwezemfuyo, iLivestock Wealth, kayinayo imvume yokwenza lo msebenzi.
NgoLwesithathu iFSCA ithe isithole ukuthi iLivestock Wealth yenza umsebenzi engagunyaziwe ukuwenza, wokunika abantu amacebo okutshala imali kwezolimo noma kwimfuyo.
Iveze ukuthi ayikaze igunyaze le nkampani ukwenza umsebenzi njengoba wonke amabhizinisi asebenza ngezimali kufanele athole igunya nesitifiketi kulandelwa iFinancial Advisory and Intermediary Services Act, ka 2002 (FAIS Act).
ILivestock Wealth isebenzisa inamba yokusebenza yenye inkampani ebizwa ngeLivestock FS ewu-FSP 51237.
Ithe iyayiphenya neLivestock FS ngoba kufanele ichaze ukuthi inamba yayo isetshenziswa kanjani ngenye inkampani ukuze ihwebe ngezimali.
I-FSCA ithe izowazisa konke umphakathi uma isiqede konke ngophenyo lwayo kodwa yakugcizelela ukuthi iLivestock Wealth kayinalo igunya lokusebenza ngezimali.
Kwisizindalwazi seLivestock Wealth, kubhalwe ukuthi abantu bangatshala imali ezinhlakeni ze-macadamia noma bathenge izinkomo nenye impahla yezolimo.
Abantu bakwazi ukutshala u-R2 000 kuya ku-R18 730. Imali yabo ivuthwa ezinyangeni eziyisithupha kuya eminyakeni eyisithupha, kuya ngokuthi bayitshale kuphi.
Isolezwe libathintile abeLivestock Wealth, bacela ukuthi bathunyelwe i-email njengoba bezokhipha isitatimende ngalolu daba.
I-FSCA ithe ngaphambi kokuthi abantu batshale imali yabo ezinkampanini ezithi zisebenza ngemali, kufanele babheke ukuthi zibhaliswe ngokusemthethweni, ngokushayela u-0800 110 443 noma babheke ku-https://www.fsca.co.za/Regulated%20Entities/Pages/List-Regulated-Entities- naku- https://www.fsca.co.za/Fais/Search_FSP.htm