INHLANGANO ebhekele abasebenza ngemali, iFinancial Sector Conduct Authority (Fsca), isixwayise abantu ukuthi bangatshali imali yabo emabhizinisini angagunyaziwe ukwenza umsebenzi.
Ixwayise abantu ukuthi baqaphele uma bezofaka imali ebhizinisini likasaziwayo odume ezinkundleni zokuxhumana, uTumi Links.
I-Fsca ithe uTumi Links weTumi Links Investments, uthe uhweba nge-forex nangezinye izindlela kodwa akanayo imvume yokusebenza ngemali.
Ithe wonke amabhizinisi akuleli asebenza ngemali kufanele athole imvume kwiFsca ngaphambi kokuthi agqugquzele abantu ukuba batshale imali kuwo.
Iveze ukuthi wonke amabhizinisi asebenza ngemali kufanele abe ne-FSP number ewagunyaza ukwenza umsebenzi.
Abafisa ukwazi ukuthi ibhizinisi elisebenza ngemali lisemthethweni yini bangashayela u-0800 110 443 noma bangene kwi-internet babheke ibhizinisi ukuthi linayo yini imvume yokuhweba ngemali ku-https://www.fsca.co.za/Regulated%20Entities/Pages/List-Regulated-Entities-naku- https://www.fsca.co.za/Fais/Search_FSP.htm
Ibuye yaxwayisa nange-MMM Krypto edume ngamavidiyo agqugquzela abantu ukuba batshale imali ezinkundleni zokuxhumana.
La ma vidiyo asabalele kwi-TikTok,You Tube nakuFacebook lapho iMMM Krypto ithembisa abantu inzalo ka-24% no-36% ngenyanga.
I-Fsca ithe ayikaze ikhiphe imvume yokuthi iMMM Krypto isebenze ngemali noma inike abantu amasu okutshala imali.
Ithe udaba lwale nkampani isiludlulisele kwiNational Consumer Commission ukuze iphenywe kabanzi.
Idonse ngendlebe abantu ukuthi bahlale beqaphile ngaphambi kokutshala imali yabo abayisebenze kanzima.