INHLANGANO ebhekelela abathengi kuleli, iNational Consumer Commission (NCC) isixwayise abantu ukuthi baqaphele amaqola acuthele imali yabo.
Iveze ukuthi ibone anda amaqola ikakhulukazi azenza sengathi anezinkampani zokutshala imali, amabhanoyi nolunye uhlobo lokuqola.
Lokhu kwenze ukuthi iNCC isebenzisane neSouthern African Fraud Prevention Services (SAFPS) ukuza nezindlela zokulwa nokuqolwa kwabantu.
I-SAFPS yinhlangano exwayisa ngokuqolwa, ubugebengu obuthinta imali nangokwebiwa kwemininingwane yabantu. Inezindlela ezisebenzisayo ezisiza abantu ukuba bazivikela ekuqolweni.
I-NCC iveze ukuthi isifake uhlelo olubizwa ngeYima olusetshenziswa yiSAFPS ukusiza abantu ukuthi bazivikele.
IYima izotholakala kwi-website yeNCC ukuze abantu bakwazi ukushesha babone ukuthi ama-website abangena kuwo asemthethweni yini.
UKhomishana weNCC, uNksz Thezi Mabuza, uthe ukusebenzisana kwabo neSAFPS kusho ukuthi bazokwazi ukunciphisa izigameko zokuqolwa kwabantu futhi babasize ukuba bazivikele.
“Sithole ukuthi abantu baqolwa uma bethenga online ngakho sibone kubalulekile ukuthi sithathe uhlelo lweSAFPS olubizwa yeYima. Sicela abantu bacabange kabanzi ngaphambi kokuthi bathenge okuthile online. Sicela bacabange noma befuna ukudlala amabhanoyi noma befaka imininingwane yabo yasemabhange. Njalo ngamaholidi kaDisemba, abantu baqolwa imali yabo abayisebenzele kanzima. Sikhlolwa wukuthi iYima izobasiza ukuthi bazivikele ikakhulukazi uma bethenga online,” kusho uNksz Mabuza.
UNksz Nazia Karrim wakwaSAFPS, uthe iYima wuhlelo lwabo oluvikela abantu.
Uveze ukuthi ngenxa yalo bakwazile ukubona ukuthi izigameko zokuqolwa kwabantu uma bethenga noma behehwa ukuthi bangene emabhanoyini zinyuke ngo-33%.
“Amaqola akwazi ukuthengisa abantu izimoto ezingekho, iYima iyasiza ukuthi abantu babone ukuthi bangena kwi-website esemthethweni. Amanye amaqola azenza izinyanga, akhiphisa abantu imali ebathembisa umcebo. Sithole ukuthi izigameko zokuqolwa zize zifake ukunukubezwa ngokocansi ikakhulukazi kubantu besifazane. Siyacela abantu baqaphele, bangathembi kalula,” kusho uNksz Karrim.
Ubaxwayise ngokulandela ama-link ikakhulukazi abawathola ezinkundleni zokuxhumana noma kwizikhangisa ezivela kwi-internet.
IYima iyatholakala ku-www.yima.org.za nakwi website yeNCC www.thencc.org.za