SILOKHU siqhubeke njalo nokuba sibi isimo Kwathema, eKurhuleni emva kwesiteleka somphakathi esinodlame.
SILOKHU siqhubeke njalo nokuba sibi isimo Kwathema, eKurhuleni emva kwesiteleka somphakathi esinodlame.
Lesi siteleka siqale ngempelasonto. Izolo kucekelwe phansi ngomlilo iCommunity Care Centre kule ndawo, kwebiwa utshwala esitolo eShoprite esidayisa utshwala.
Amalungu omphakathi abewotha ubomvu, atshele abezindaba ukuthi wukuhamba kukagesi izinsuku okuholele ekutheni aphume aye emgwaqweni.
Umphakathi uveze ukuthi inkinga kagesi ohamba amahora amade, noma izinsuku iqale ezinyangeni eziyisishiyagalombili ngesikhathi kuqhuma okokuqala i-transformer kule ndawo.
Athe kusukela ngaleso sikhathi asephila ngokungabi nawo ugesi izinsuku eziningi.
Aqhube athi into eholele ekutheni anikele emgwaqweni wukuthi sekunesikhathi ebikela ubuholi bomasipala basendaweni maqede zingabi bikho izinyathelo obuzithathayo.
Athe akutholayo yizethembiso zokuthi inkinga iyalungiswa kodwa ungabi bikho umehluko awubonayo.
Athe okuwacasula kakhulu wukuthi abolelwa wukudla emafrijini ngenxa lale nkinga.
Athembise ukuthi azoqhubeka nombhikisho wawo, kuze kube wukuthi ayazithola izimpendulo zezikhalo zawo.
Okhulumela uMasipala waseKurhuleni, uNksz Lebokgile Tsipa uthe kuyadabukisa ukuthi umbhikisho okufanele ingabe unokuthula uphenduke waba nodlame.
“Siyakuqinisekisa ukuthi sesijube amaphoyisa ethu ukuthi ayodambisa isimo kule ndawo,” kusho uNksz Tsipa.
Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuzama ukubuyisa isimo kwesejwayelekile endaweni.