SANELE NDLOVU
UNGQONGQOSHE wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNksz Hlengiwe Mavimbela, uvalelwe ngaphandle emcimbini wokuqhakambisa amaciko asafufusa, kwaMsane kuWard 6.
Kuvela ukuthi Masipala uMtubatuba ongaphansi kwe-IFP, ukhiye amasango akwangangena muntu ngoba usola umnyango nekhansela ngokungalandeli imigudu efanele yokuqasha ihholo.
Ekhuluma nabezindaba ungqongqoshe, uthe isenzo sikamasipala siyethusa ngoba asikhombisi ukuba nendaba nomphakathi.
"Lo muntu osivalele lana ukube uyazazi ukuthi uyisisebenzi sikahulumeni ngabe akayenzanga le nto ayenzile. Kunenqwaba yabantu abangasebenzi abebethembele ukuthi kukhona abazobuya nakho emcimbini bakwazi ukubeka isinkwa etafuleni," kukhalaza uNgqongqoshe.
Ikhansela lendawo, uMnuz Fana Gumede, lithe isimo siyashaqisa ngoba sekugcine kuhlupheka abantu abangenacala ngenxa yezimpi eziqhubeka ngaphakathi kulo masipala.
"Kubuhlungu ukuthi sekugcine kusokola abantu abangenaphutha ngenxa yemibango abangayazi," kusho ikhansela.
Amaciko abethukuthele egane unwabu, ehleli ngaphandle engavumelekile ukuthi angene ehholo, nawo azwakalise ukukhala kwawo.
UNeliswa Buthelezi, omunye wamaciko uthe bacela ukungafakwa ezimpini abangazazi.
"Singamaciko sicela ukucacisa ukuthi asihlangene nepolitiki. Omasipala abaphethe abayeke ukusihlukumeza singamaciko ngokulwa izimpi zabo zepolitiki ngathi," kusho uNeliswa.
Lo mcimbi ububanjelwe ehholo lomphakathi iNkosimzondeni, bekulindeleke ukuba kuhlomule amaciko alinganiselwa ku-42.
UMnuz Xulu (elingatholakalanga igama lakhe) ongumsebenzi kamasipala okungeyena osolwa ngokuba ungqongqondo kuleli tulo lokuvalwa kwehholo, akatholanga ukuba aphawule kulolu daba njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.