UPHIKO lwezamanzi eDurban University of Technology (DUT), i-Institute for Water and Wastewater Technology (IWWT) luthi awangcolile ayaxathuka amabhishi aseThekwini.
Bakhiphe nesexwayiso ngobungozi bokusebenzisa la mabhishi awu-14 aseThekwini namaphethelo.
Ngokusho komqondisi we-IWWT uSolwazi Faizal Bux, ukuhlolwa kwabo kubavezele ukuthi awu-14 amabhishi anamagciwane ayingozi amsuka wawo yindle.
Uthe kulawo mabhishi bathole ukuthi awu-11 awo okukhona kuwo iBallito Tidal Pool, Westbrook Beach, Umdloti Beach, Glenashely Beach, Virginia Beach, Umgeni River, Umgeni River mouth, Laguna Beach, Country Club Beach, Bay of Plenty, ne-Addington Beach anesilinganiso esiphezulu segciwne elibizwa nge-Escherichia coli (E.coli).
UBux uveze ukuthi yiBronze Beach noMhlanga Lighthouse kuphela amabhishi anesilinganiso esamukelekile se-E.coli, bese kuba yi-uShaka Beach enesilinganiso saleli gciwane.
“Uma uqhathanisa namanye amabhishi aseThekwini, yi-uShaka Beach kuphela ekhombise ukuba nesilinganiso esiphansi se-E.coli. Kulawa amanye amabhishi awu-11 kuvele ukuthi isimo sawo siyakhathaza kakhulu, futhi ososayensi be-IWWT beluleke abantu ukuba bangawasebenzisi ukuzijabulisa kuwona kuze kube wukuthi kwehla leli gciwane kuwona,” kusho uBux.
Uqhube wathi umlando ukhombisa ukuthi Umgeni River uhlale unesilinganiso esiphezulu saleli gciwane, okuwubungozi okukhulu.
Uthe uphiko lwabo lwezamanzi luhlale luhlola ukuba sezingeni elifanele kwamanzi njalo ngamaholidi ukusiza ukubhekelela ukuphepha komphakathi.
Kuthintwa okhulumela uMasipala weTheku, uNkk Gugu Sisilana, ucele ukuthi bathunyelelwe imibuzo nge-email, bese benikwa okungenani amahora awu-24 ukuphendula.