AMAPHOYISA KwaZulu-Natal aphume umkhankaso wokuthungatha umsolwa odubule walimaza iphoyisa ezintatha zangoLwesithathu eNewtown A, eNanda.
Ngokombiko ovela emaphoyiseni, amaphoyisa aqapha udlame lwasemphakathini abehamba ezitaladini zaseNanda enza umsebenzi wawo ngesikhathi ebona iqulu lamadoda elisolisayo, alimisa elisesha.
“Ngesikhathi amaphoyisa enza umsebenzi wawo, kuxebuke oyedwa kuleli qulu wabaleka. Iphoyisa elinguConstable lizamile ukumjaha, kodwa lo mlisa wavulela ngenhlamvu ebhekise kulo,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Leli phoyisa liphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuthi lilimale lidubuleka isilevu nengalo. Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaholela ekubanjweni kwalo msolwa.