KUTHOLWE izidakamizwa komunye wabalimale kakhulu kushayisana izimoto emgwaqweni onguthelawayeka, uN2, ngaseZinkwazi izolo.
Kule ngozi kuthiwa kugcine kushone abantu abathathu.
Ngokusho kokhulumela i-IPSS Medical Rescue, uMnuz Dylan Meyrick, ngesikhathi kufika abosizo oluphuthumayo benkampani yabo, bathole oyedwa obelimele ephethe inqwaba yezidakamiswa, ezibhince kwesingezansi.
“Ngesikhathi eseyiswa esibhedlela, ubeseqashwe ngamaphoyisa,” kusho uMeyrick.
Uveze ukuthi ababili bashonele endaweni yesigameko, kwathi owesithathu washonela esibhedlela.
Uqhube wathi kule ngozi kuphinde kwalimala kabi abane, abaselashwa esibhedlela.
Echaza, uthe ingozi ibandakanya izimoto ezimbili, imoto encane neyi-SUV.
“Abosizo oluphuthumayo kwa-IPSS Medical Rescue baqinisekise ukuthi ababili bashonele endaweni yesigameko kanti omunye wabayisihlanu abebelimele kakhulu baphuthunyiswa esibhedlela lapho eshonele khona,” kusho uMeyrick.
Uveze ukuthi laba abaphuthunyiswe esibhedlela baqale banikwa usizo oluphuthumayo khona endaweni yesigameko ngaphambi kokuba badluliselwe esibhedlela esiseduzane.
Ubalule ukuthi abalimele abebebambekile ezimotweni, batakulwe ngosizo lwabezicishamlilo zaKwaDukuza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNewark aphenya icala lokubulala ngokungenhloso nelokushayela budedengu kulandela ingozi.
Uqinisekisile ukuthi ababili bashonele endaweni yesehlo kwathi abanye abebelimele baphuthunyiswa esibhedlela.
Amaphoyisa abengakaphenduli ngotholwe nezidakamizwa kule ngozi.