KUZOXOSHWA izikhulu zikamasipala ezithintekayo ekukhishweni kwethenda lokulungisa isikhungo esihlanza amanzi, iRooi Vaal Wastewater Treatment Plant, okusolwa ukuthi ayiwenzanga umsebenzi ngendlela efanele.
Lokhu kushiwo iMeya kaMasipala iTshwane, uMnuz Cilliers Brink, izolo, ngesikhathi ichaza ngezinto okungenzeka ukuthi ziholele ekutheni kubheduke isifo iCholera, esesidlule nemiphefumulo yabantu abangu-17 eHammanskraal, ePitoli.
UBrink uthe ngesonto eledlule uphenyo lwangaphakathi luveze ukuthi kunezikhulu zikamasipala ezithintekayo emkhonyovini wenkohlakalo ethinta amathenda esezinesikhathi zenza inkohlakalo yamathenda, kuwo okukhona nelokulungiswa kwesikhungo esihlanza amanzi iRooi Vaal Wastewater Treatment Plant.
"Inkampani kaMnuz Edwin Sodi yanikezwa imali engaphezulu kukaR200 million wokuthi ilungise lesi sikhungo. Ngo-2020, umsebenzi wase uqalile kodwa kuze kume manje lo msebenzi awuphelile. Imeya akuyona ekhipha amathenda, kunabasebenzi ababhekelele lolu hlelo. Ngeshwa, sibhekene nenkinga yabantu abahlangana babambisana ukuze kudliwe imali ngohlelo lwamathenda. Kunzima ukusihlakaza lesi sidleke kodwa maduze nje kukhona abazoboshwa ngalolu daba," kusho uBrink.
Selokhu kubheduke iCholera kule ndawo iminyango ethintekayo iyakhombana ngokuthi ngubani ongawenzanga umsebenzi wakhe okuholele ekutheni kuze kubheduke lesi sifo.
UMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle ukhomba umasipala ngokubambezela uhlelo lokulungiswa inkinga yamanzi kule ndawo. OwezeMpilo uthi lesi sifo sitholakala emanzini, kumele kuhlolwe amanzi. Umasipala uthi okwamanje imiphumela ikhomba ukuthi leli gciwane alikho emanzini ompompi njengoba bekusolwa.
UBrink uthe isikhungo iRooi Vaal kwatholakala ukuthi sichithela amanzi anendle emfuleni kwakhiswa ithenda lokuthi silungiswe.
Uthe imiphumela yesikhashana yokuhlolwa kwamanzi kule ndawo, iveza ukuthi amanzi aphuma kompompi awanalo igciwane leCholera.
"Kusazoba nzima ukuthi kunqandeke ukusabalala kwalesi sifo ngoba asikazi ukuthi umsuka waso yini, sisadukuza ebumnyameni," kusho yena.
UMnyango wezeMpilo eGauteng, izolo uthe iziguli ezibonwe yisibhedlela iJubilee ezinesifo sohudo zingu-165. Kuzona ezingu-18 zidluliselwe kwezinye izibhedlela, eTshwane.
"Iziguli osekuqinisekisiwe ukuthi zinesifo sohudo iChlolera zingu-29. Ezishonile zingu-17. Iziguli ezisalaliswe esibhedlela ngexa yalesi sifo zingu-67," kusho isitatimende.