KUSOLWA ukubuya kukagesi ngamandla kusha izithandani emjondolo ebezihlala kuwo eSiyanda, ngaKwaMashu, ngoMgqibelo.
UNksz Philisiwe Gumede (21) ushonele endaweni yesigameko, kwathi uMnuz Andile Shabalala (24) yena washona emtholampilo wendawo, iPoly.
Kuthiwa uNksz Gumede ubekade eye emlindelweni endaweni, uyise wengane yakhe, uShabalala, wathi akangabe esagoduka ngoba akuphephile, uzohamba sekukhanya.
Ngokusho komunye wabebekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko, uMnuz Vusani Shabane, uthe uvuswe ukusha kwejakhethi abeyigqokile, ishiswa uthayela oncike embhedeni abelele kuwo.
“Ngithe ngiphakamisa amehlo ngabona ukuthi kukhona umlilo oqhamuka ngasemjondolo wabashonile. Ngivuke ngaphuma ngiqhasha, ngamemeza abantu, ngibatshela ukuthi kuyasha,” kusho uShabane.
Uthe bahlangane nomakhelwane masinyane bazama ukuvula umnyango womjondolo obulele abashonile kodwa kwaqale kwaba nzima kwazise izakhamuzi eziningi zikhiya ngamakatango uma zilala noma zihamba ngenxa yezinga eliphezulu lobugebengu.
“Uthe uqambe uvuleka umnyango umlilo ubusuhambe indawo ende endlini yabo. Owesifazane ubengasabonakali nokuthi ungakuphi nezinkethe seziwele kuye kanti lona wesilisa ukwazile ukuphuma kodwa ubeseshe kakhulu, ekhwehlela,” kusho uShabane.
Uthe basola ukubuya kukagesi ngamandla ngoba bekukade kuhambe ugesi ngo-4 ezintatha kanti isigameko senzeke emva kuka-6 ekuseni, ugesi usanda kubuya endaweni.
Uthe badinga usizo lokuvusa indawo yokufihla ikhanda, izingubo nokudla. Uveze ukuthi kukhona okukuthikazisa okulethwe abophiko lwezinhlekelele kulandela ukuhambela kwabo nekhansela endaweni yesigameko.
Abashonile bangabakhona endaweni yaseSiyanda ngokuzalwa kanti imindeni yabo ikhale ngokuthi ayazi ukuthi izothathani ihlanganise nani.
Umalumekazi kaShabalala, uNksz Bancane Radebe, ukhale ngokuthi akusebenzi muntu ekhaya kanti naye umufi ubephila ngokuzibambela amatoho.
“Asazi sizofihla ngani,” kusho uNksz Radebe.
Udadewabo kaNksz Gumede naye ukhale ngazo izindleko zomngcwabo, athe abakaziqali njengoba ikati lilele eziko. Ubuye wakhala nangokuthi laba bashiye indodakazi eneminyaka emibili ebisancela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaMashu avule idokodo lokufa kwabantu ababili. Uthe lokhu kulandela ukuthi owesifazane nowesilisa beshe emjondolo eSiyanda kwaB KwaMashu, ngoLwesihlanu
Uthe imbangela yomlilo ayikaziwa, isaphenywa.