KUSOLWA ukushayela ngobudedengu nokunganaki kushayisana amabhasi amabili ngasesangweni lenyuvesi yaseGoli namhlanje ekuseni.
Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko ibhasi likamasipala lilele ngohlangothi kanti elesibili okungelenkampani ezimele elisebenza ukuthutha izitshudeni litholakale libhajwe odongeni lomgwaqo.
Kule ngozi eyenzeke emgwaqeni uKingsway kulimale abantu abangu-77 kanti ababili basesimeni esibucayi kakhulu.
Ngokwesitatimende esikhishwe yi-University of Johannesburg, zingu-19 izitshudeni ezilimalile kule ngozi.
“Zintathu izitshudeni eziphuthunyiswe esibhedlela kanti ezingu-16 zithole ukwelulekwa ngokwengqondo kuyo le nyuvesi,” kusho isitatimende.
Statement from UJ says:
— Thabo Tshabalala (@Thabo_Tshaba) July 25, 2023
UJ students receiving medical care and counselling following a bus accident
This morning (25 July 2025) at about 6:50 am, two buses were involved in an accident just in front of the University of Johannesburg’s Auckland Park Kingsway (APK) Campus. One… pic.twitter.com/gyyrOHbHRG
Le nyuvesi ikhiphe izinsizakusebenza ukulekeleka kulesi simo njengoba ingozi yenzeke eduze kakhulu.
“Amathimba ezokuvikela nawezempilo enyuvesi ayalekelela endaweni yesigameko. Isikhungo sePsychological Services and Career Development (PsyCaD) naso silekela ngokweluleka izitshudeni ngokwengqondo.”
UXolani Fihla, okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseGoli, uthe kuphenywa icala lokushayela budedengu.
Uthe abantu abalimele bahanjiswe ezibhedlela iHelen Joseph, Charlotte Maxeke, naseMilpark. Abantu abadukelwe yizihlobo bangaxhumana nalezi zibhedlela.