KUSOLWA ukuphuma kwesondo elolini laphaphalaza laqonda etekisini njengembangela yengozi eshiye abagibeli betekisi belimele kabi kuN2 ngaseBallito.
Ngokubika kwabezimo eziphuthumayo abakhulume nofakazi ozibonele kwenzeka le ngozi, kuthiwa yisondo leloli eliphaphalaze lashayisa itekisi okuholele engozini.
“Obonile kwenzeka ingozi uthi kuphume isondo nerim elolini ebihamba ibheke ngaseningizimu, eliphaphalaze lawelela emzileni wezimoto ezibheke enyakatho, lashayisa itekisi ngaphambi kokushayisa imoto yesibili.”
Babili abagibeli betekisi abalimale kabi okudingeke ukuba bathole usizo lokuqala olukhethekile ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela. Abanye abagibeli abayishumi bathole imihuzuko.
Ngenhlanhla abebesemotweni yesibili abalimalanga.