UPHIKO oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), luphenya icala lokudlwengula elivulelwe iphoyisa elisiteshini samaphoyisa esiseMgungundlovu, iMountain Rise.
Okhulumela uphiko uNksz Lizzy Suping, uthe bazodalula imiphumela yophenyo lwabo uma sebeluphothulile. Wathi makuxhunyanwe nophiko lweSAPS ukuqinisekisa ukuvulwa kwecala lokudlwengula.
Umthombo othembekile otshele Isolezwe ngesigameko, uthe umgilwa obesolwa ngecala elithize, ubehlaliswe esiteshini ngenxa yecala alenze ngaphansi kwesiteshi samaphoyisa, i-Alexandra.
“Lona wesifazane ongowokufika eNingizimu Afrika, ubeboshelwe icala lokugqekeza nelokweba esiteshini sase-Alexandra,” kusho umthombo.
Uthe iphoyisa elisolwa ngokudlwengula lingu-warrant officer.
“Ijazi lomkhwenyana alisebenzise ngesikhathi edlwengula umgilwa ngaphakathi esitokisini sesiteshi samaphoyisa, litholakale endaweni yesigameko,” kusho umthombo.
Isolezwe lithinta okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe makuthintwe abe-IPID ngoba yibo abaphenya icala.