KUSOLWA ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho nemijondolo eyakhiwe ngamabhodi phakathi efulethini kusha ibhilidi elise-Jeppestown, edolobheni iGoli.
Ngokwemibiko esuka endaweni yesigameko, abahlali kuleli fulethi eliyizitezi ezintathu batshelwe ngezithuba zika-1.15 entathakusa ukuthi kuyasha. Lokhu kwenzeke ngokusa kwangeSonto.
UMnuz Themba Mkhize oyikhansela kule ndawo naye onefulethi lapha uthi ubikelwe ngo-1.15 ukuthi kuyasha, waphuthuma abezimo eziphuthumayo, ngenhlanhla bafike kungakapheli imizuzu eyisikhombisa.
“Yize basheshile ukufika abezimo eziphuthumayo kodwa umonakalo ubusumkhulu kakhulu ngoba kunemijondolo phakathi ebhilidini ehlukaniswe ngamabhodi nokuyinto ebhebhethekise kakhulu umlilo,” kusho uMkhize.
Uqhubeke wathi ababili abashonile ngabantu besilisa kanti laba abanye ababili akukacaci ngenxa yokulimala kwabo.
UMnuz Robert Molaudzi okhulumela abezimo eziphuthumayo kumasipala iGoli, uthe ithimba lakhe lifike kule ndawo ngobumnyama, umlilo uvutha ubuhanguhangu, wathi bathole ukuthi kunemijondolo phakathi kulawa mafulethi kanti nogesi awuxhunyiwe ngendlela efanele.
“Abezicishamlilo bathole izidumbu ngesikhathi behlola isimo nonubanzi bomonakalo odalwe wumlilo. Kukhona nabantu abalimalile nalabo abahogele umusi,” kusho yena.
UMulaudzi uthe kwabalimele kukhona osesimweni esibucayi kakhulu ophuthunyiswe esibhedlela i-Charlotte Maxeke kanti ababili baphuthunyiswe eHillbrow.
AbeJo’burg City Power nabo bakhona kule ndawo ukuhlola isimo sokuxhunywa kukagesi njengoba kunezinsolo zokuthi kukhona izinyokanyoka.
UMulaudzi uthi sebewuqedile umsebenzi wabo kanti ibhilidi selinikezelwe emaphoyiseni ukuba aqhubeke nophenyo.