IZINKOMBA ziveza ukuthi izikhungo ezingonyamakayipheli, njengoshisanyama nasemadeleni, yizo okuphelela kuzo imfuyo esuke yebiwe.
Lokhu kuvezwe abenhlangano yabalimi i-African Farmers’ Association of South Africa (Afasa) KwaZulu-Natal, nenhlangano elwa nokuntshontshwa kwemfuyo iNkanyamba Forum, engxoxweni neSolezwe.
Isigameko sakamuva esenzeke ngeSonto sokuboshwa kwekhansela le-IFP kuMasipala waseNdumeni, uMnuz Dumisani Xaba nabehamba naye uMnuz Kwazi Zulu, kushiye amalungu omphakathi ebambe ongezansi.
Kuthiwa babanjwe belayishe izinkomo ezine emotweni edonsa inqola emgwaqweni u-R33 phakathi kweDundee neKranskop
UMnuz Mbongeni Sikhakhane owusihlalo we-Afasa KwaZulu-Natal, uthe bakhathazekile ngokwanda kwezigameko zokuntshontshwa kwemfuyo kulesi sifundazwe. Uthe kunobufakazi bokuthi amasela ayisebenza masisha, adayise impahla isiyinyama ezindaweni ezingoshisanyama nasemadeleni.
“Imvamisa imfuyo esuke yebiwe, amasela ayihlinzela emahlathini kutholakale ngesikhumba nomswani, okukhombisa ukuthi isuke izolayishwa iyiswe endaweni ethile edayisela abantu inyama okungaba yikoshisanyama nakwezinye izindawo ezidayisayo. Lokhu kuyabalimaza abalimi ikakhulu abansundu ngoba sikholelwa ukuthi imfuyo iyibhange lethu thina bantu abansundu,” usho kanje.
UMnuz Tallman Zuma, ongumsunguli wenhlangano elwa nokuntshontshwa kwemfuyo emphakathini iNkanyamba Forum, uthe isikhathi esiningi uma belandela umkhondo ngokulahleka kwemfuyo kuyabonisa izinsalela zayo zivamise ukutholakala ebangeni elingaqhelile kakhulu nalapho yebiwe khona.
“Ezigamekweni eziningi, imfuyo siyifica ihlinziwe. Kwesinye isikhathi uyaye ubone umuntu odayisa inyama emholweni wezalukazi, ubone ukuthi isavuza igazi okukhombisa ukuthi ibisanda kuhlatshwa,” usho kanje.
Uthe kwesinye isikhathi ezindaweni ezishisa inyama, inyama uyithola inotshani nenhlabathi nokuyizinkomba zokuthi isuke ihlinzwe kuphuthunywa.
Umnikazi wendawo yobumnandi eChesterville eThekwini, i-Mashamplane’s Shisanyama, ukugxekile ukuthengwa kwenyama yokwebiwa okunezinsolo zokuthi kwenziwa abanye abasebhizinisini elifanayo, wathi kuwudlisa amakhasimende into engekho ezingeni.
“Ngenza isiqiniseko sokuthi inyama engiyidayisayo ngiyithenga ezindaweni ezivumelekile ukudayisa inyama ukuhlangabenzana namazinga ezokuphepha ezempilo. Uma udayisela umuntu ukudla into oyithenge emaseleni, uma isigulisa abantu sekutholakala ukuthi inobuthi, uzokwazi kanjani ukuthola loyo muntu okudayiselile?
“Ebhizinisini lami abezempilo bayafika izikhathi nezikhathi ukuzohlola, namaphoyisa ayafika ukuqinisekisa ukuthi ibhizinisi lisaqhutshwa ngendlela ephephile. Uma kukhona ozakwethu abathenga ngalolu hlobo, abakuyeke lokhu, kuyasilimaza sonke kwehlise isithunzi semboni esikuyo,” usho kanje.
UMnuz Mike Ngwenya ongumqondisi kwa-Cattle Watch, okuyinhlangano yamaqhinga okunqanda ukwebiwa kwemfuyo, uthe zikhona izindlela zobuchwepheshe abazisebenzisayo kwezinye izifundazwe ukunqanda ukwebiwa kwemfuyo.
“Kunama-tracker afakwa emfuyweni okwenza kube lula ukuyibona ukuthi ikuphi ngoba ixhunyaniswa nomakhalekhukhwini womlimi. Lolu hlobo ludinga ingqalasizinda, ekhona kwezinye izifundazwe kodwa KwaZulu-Natal ayikho ngoba uhulumeni akafuni ukuhlangabezana nabalimi ngoba lolu hlelo lumba eqolo. Kwezinye izifundazwe iminyango yezolimo iyasebenzisana nabalimi ngakho silufakile khona, okubi ngoba siqhamuka kulesi sifundazwe kodwa asikwazi ukusiza khona,” kusho uNgwenya.
Phakathi kuka-Okthoba noDisemba nyakenye, awu-7 290 amacala okwebiwa kwemfuyo abikwe emaphoyiseni KwaZulu-Natal.