KUSHAQEKE abaningi ngengozi yebhasi edlule nemiphefumulo yabangu-45 ebhulohweni iMamatlakala, emgwaqweni uR618 eLimpopo ngoLwesine ekuseni.
Kubikwa ukuthi leli bhasi belisuka ezweni laseBotswana lithwele abazalwane beya eMoria enkonzweni yePhasika ngesikhathi kwenzeka le ngozi.
Kubikwa ukuthi umshayeli uhlulekile ukulawula ibhasi laphaphalaza, lanqamula ukhonkolo layowela ezansi ehlathini okuyibanga elingu-50 mitha ngaphambi kokuba kugqamuke ilangabi.
Uphathiswa wezeMpilo eLimpopo uFlorence Radzilani uhambele indawo yesigameko eyambisana noNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uNkk Sindisiwe Chikunga ngoLwesine ukuhola isimo.
Ngokombiko okhishwe yilo mnyango bebengu-46 abantu abebesebhasini kubalwa nomshayeli, bangu-45 abantu bashonile, kanti okwamanje kusatholakale izidumbu ezingu-12 njengoba abaningi bashe bangqongqa. Kuthiwa kusinde ingane eyedwa eneminyaka eyisishiyagalombili, elashwa esibhedlela ngenxa yokulimala.
Lo mphathiswa uveze ukuthi umnyango uzosebenza ngokuzikhandla kwenziwa ulibofuzo ukuze kuqinisekiswe ubuzwe babantu abebesebhasini.
"Ngidlulisa amazwi emindenini elahleke lwe kule nhlekelele yengozi sizobabeka emkhulekweni," kusho yena.
UNgqongqoshe unxuse abashayeli ukuba bacophelele futhi baqaphele emgwaqweni njengoba bebaningi abantu bahambela izindawo ezahlukene njengoba kuyimpelasonto yePhasika.