UNGQONGQOSHE wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Ntuli, usejube amaphoyisa azoqapha okwesikhashana irenki ebangwa ngososeshini bamatekisi eMnambithi emuva kokuboshwa kwabaqaphi okuthiwa batholwe nezibhamu ezingekho emthethweni futhi bephule nemigomo yohlaka olubhekele izinkampani zonogada okuyiPsira.
UNtuli ube nomhlangano ngokwehlukana neKlipriver neSizwe Taxi Association ngenhloso yokuzolalela izinkinga ezidale ukungezwani ukuze aqhamuke nesixazululo.
Kule mihlangano uNtuli ushwelezele iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda ngoba uhlangothi iKlipriver lubalise ngaye lwathi zonke izinkinga ezikhona zidalwe yindlela asingathe ngayo udaba lwabo.
“Inhloso yami bewukulalela ngithole umongo walo mbango. Abafowethu beKlipriver nabeSizwe bangichazele ukungenami ngoKaunda. Okuhle wukuthi izinhlangothi zombili eziholwa ubaba uMasondo weKlipriver nobaba uMpungose weSizwe zikhombise ukungamukela bangichazela ngokwenzekayo. Esikwenzile sitshale ithimba lesikhashana lamaphoyisa nabaqaphi abazimele. Sikwenze lokhu ngoba kuyasikhathaza ukuthi abanye babaqaphi indlela abaziphatha ngayo igcina ithusa abagibeli njengoba behla benyuka ematekisini nezinhlokohlela zezibhamu. Sinemizamo yokulungisa lesi simo bese kuba nendlela yokuthuthukisa labo somatekisi ukuba bakhule kule mboni baze bafike ezingeni lokuba namabhasi okuyinto njengoMnyango esinesifiso sokuba yenzeke,” kusho uNtuli.
UMKHANKASO wamaphoyisa lapho avala khona lerenki thaqa ngeledlule
UDkt Andile Hlatshwayo woBumbano Loxolo oluzama ukudala ukuthula kulabo soseshini, ukushayele ihlombe ukufika kukaNtuli wathi banethemba lokuthi uzokwazi ukulungisa ngaphandle kokuchema nohlangothi oluthile.
Imizamo yokuthola uKaunda iphunzile njengoba ucingo lo mkhulumeli wakhe, uMnuz Mluleki Mtungwa belungangeni kanti ne-email abhalelwe yona ngalolu daba ugcine engayiphendulanga njengoba ithimba lezokuxhumana eThekwini belithe utholakala kuyo kuphela njengoba bephesheya noKaunda.
UMnuz Mfanafuthi Ndawo wezokuxhumana eKlipriver, uthe isimo asikabuyeli kwesijwayelekile ngoba amatekisi asamile kuze kube bafinyelela esivumelwaneni ngenkinga ababhekene nayo.
NgoLwesithathu abashayeli baseKlipriver bafike ezintathakusa bezosebenza bathola irenki ivalwe ngabaqaphi bakaQomukufa neBlack Watch emuva kwezinsuku ezimbili beqalile ukusebenza ngokomyalelo wenkantolo obuvuna iKlipriver ukuba iqale isebenzise le renki.
Selokhu udweshu lwaqala ngo-2017 kwaze kwafa abantu ababalelwa ku-60 kudubulana abeKlipriver neSizwe kubangwa umzila wamabanga amade.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe emuva kokugasela kwethimba lamaphoyisa kuboshwe abasolwa ababili abazovela namhlanje enkantolo
ngezinsolo zokuphula imigomo elawula izinkampani zabaqaphi okuyiPsira.