KUSHAQWE impahla, kwavalwa izitolo ezintathu ezidayisa ukudla oLundi. Lokhu kwenzeke ngemva kokugula kwezingane okusolakala ukuthi zidle amabhisikidi eziwathenge khona.
Lokhu kudalulwe ngoMsombuluko yiMeya kaMasipala, uMnuz Wilson Ntshangase.
Phakathi kwezitolo ezithintekayo kubalwa iRoyal Supermarket, Family Store, neKings Supermarket.
Ngokusho kukaNtshangase, isigameko sakamuva sibandakanya izingane ezifunda esikoleni iZitendeni, eZimfabeni KwaCeza.
Lezi zingane ezinye zazo ezisalaliswe esibhedlela, kuvela ukuthi zidle amabhisikidi abizwa ngokuthi i-Ayoba.
“Sikushayela ihlombe ukusebenzisana nezinhlaka ezehlukene ezenze lo msebenzi oncomekayo. Lokhu kuwumzamo wokuqikelela inhlanzeko ekudleni okudayiselwa abantu,” kusho uNtshangase.
Imenenja kaMasipala, uMnuz uSandile Khomo, ithe lokhu bakwenza ngokugunyazwa umthetho.
UKhomo wengeze ngokuthi nakuba befuna ukuthi umnotho ukhule endaweni kodwa ngeke bagembule ngempilo yabantu.
“Sizoqhubeka nalezi zinhlelo kuzo zonke izitolo,” kusho uKhomo.
Emasontweni adlule zibonakale zanda izigameko zokugula, nokushona kwezingane ezisuke zithenge okudliwayo ezipaza ezehlukene ezweni.
Phakathi kwezinye izifundazwe okubikwe kuzo lokhu iGauteng, Mpumalanga, neLimpopo.