Iseqhulwini eyokuhlonishwa koMthethosisekelo wezwe, eyokungacwasi ngokwebala nangokobulili, eyokugqugquzelwa koxolo nokubuyisana kanjalo neyozinzo kuhulumeni wasekhaya ezisekelweni ezilawula uhulumeni wobumbano, ohlanganisa amaqembu amahlanu kuleli.
Ngaphansi kwalezi zisekelo, uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa nguyena onamandla okuqoka iKhabhinethi yakhe.
Amaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano yi-ANC, DA, IFP, Patriotic Alliance neGood.
UNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, ekhuluma nabezindaba muva nje, uveze ukuthi izandla zisavuliwe nakwamanye amaqembu ukuthi angaba yingxenye yalo hulumeni.
UMbalula uthe abasebenzi ngokuthi iqembu elabamnyama ngoba elakuleli lihlanganisa zonke izinhlanga.
Uthe basebenza namaqembu ahlonipha uMthethosisekelo wezwe, angacwasi ngokobulili nangokobuhlanga kanjalo neminye imigomo ethuthukisa izwe.
Amaqembu abambisene kuhulumeni anezihlalo ezingu-273 ePhalamende. Lokhu kusho ukuthi ano-68%.
UMbalula uthe baphoqwe ngabavoti ukuthi basebenzisane namanye amaqembu njengoba lingekho iqembu elawina ngamalengiso okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe.
“Akuyona inkinga edalwe yi-ANC, kodwa abavoti abathi kumele sibambisane. Abantu abathi abafuni kube nohulumeni ophethwe yiqembu elilodwa, yingakho sinalo hulumeni,” kusho uMbalula.
Njengoba abantu bengayi nxanye bengemanzi, baningi abangeneme ngalesi sivumelwano sikahulumeni wobumbano. Ngaphakathi kwi-ANC kukhona abangeneme kanjalo nakwamanye amaqembu. Nezinyunyana zabasebenzi azeneme ngalesi sinyathelo.
Abanye bakhala ngokuthi imigomo ye-DA neye-ANC iyashayisana, ikakhulu ezintweni ezithinta ezemfundo, umhlaba nokuvikelwa kwamalungelo abasebenzi.
Abanye bebefuna ukuthi kubambisane amaqembu ‘abamnyama’ ne-ANC, okubalwa Umkhonto weSizwe, oholwa owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, i-EFF, IFP namanye.
I-ANC ike yakubalula ukuthi ayikwazanga ukusebenzisana ne-MK ngoba eminye yemibandela yayo bekuwukuchitha uMengameli Ramaphosa.
UMbalula ukubalulile ukuthi ukusebenzisana kwabo namaqembu anemibono ehluke kakhulu kunekaKhongolose, akusho lutho ngoba ngeke baguquke babe yilawo maqembu.
“Ngeke sishintshe imigomo yethu ifane neye-DA, ngeke futhi isigwinye. Ne-DA ngeke ishintshe imigomo yayo ilandele eye-ANC njengoba sibambisene. Sibambisene ukuze siyise izwe phambili,” kusho uMbalula.
Okunye okuseqhulwini emigomeni ngukuthi uma kukhona ukungavumelani kwamaqembu, kumele kusetshenziswe ezinye izindlela zokuzama isixazululo uma kunongqingetshe.
Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Ntsikelelo Breakfast, uthe okuhle manje ngukuthi sekunemigomo amaqembu asesebenzela phezu kwayo.
Ekhuluma nesiteshi sethelevishini iNewzroom Afrika, uBreakfast uthe le migomo izokwazi ukunqanda abazonhlanhlatha.
“Kunento amaqembu azobe esebenzela phezu kwayo kunokuthi nje wonke umuntu adonse abheke le, nomunye abheke kwenye indawo.”