USAZOQHUBEKA nokuthatha izinsuku ezimbili umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ngelizayo.
Njengenjwayelo lo mcimbi oba minyaka yonke eMgungundlovu, uzovulwa yiSilo uMisuZulu kaZwelithini ngosuku lokuqala.
Ngosuku lwesibili uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, uzothula inkulumo yokuhlahla indlela yesifundazwe.
Sekufana nesiko ukuthi lo mcimbi uthatha izinsuku ezimbili esifundazweni nakuba sekuke kwaba nekhwelo lokuthi ube ngosuku olulodwa ukuze kwehliswe izindleko.
NgoFebhuwari nonyaka, ngesikhathi kunomcimbi wokusivula kwakubekwe isabelomali sikaR3.2 million ngalo mcimbi.
Emhlanganweni weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe ePhalamende muva nje, kuvele ukuthi lo mcimbi uzoba ngoJulayi 10 noJulayi 11, 2024.
Kulo mhlangano kuvele ukuthi izifundazwe ezintathu azikazilethi izinsuku zokuvulwa kweziShayamthetho. Lezo zifundazwe yiLimpopo, Free State ne-Western Cape.
UNksz Seeng Mokoena omele iqembu uMkhonto weSizwe kwiNCOP, ukhale ngokushayisana kwezinsuku.
“NgoJulayi 10, no-11 kuzobe kunemihlangano yamakomiti ekubeni kuvulwa isiShayamthetho saseKZN ngalezi zinsuku. Sivulwa izinsuku ezimbili, olokuqala kusuke kukhuluma iSilo, bese ngosuku lwesibili kukhuluma undunankulu.”
USihlalo weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe, uNkk Refilwe Mtsweni-Tsipane, uthe kubalulekile ukuthi amalungu athamele yonke imihlangano yamakomiti, wathi kodwa uyasizwa isicelo sabavela eKZN ngoba kubalulekile ukuhambela umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho.
Uthe abanankinga nokudedela abaseKZN ukuthi bathamele lo mcimbi.
“Sizonidedela ukuthi nihambele lo mcimbi nakuba izobe iqhubeka imihlangano yamakomiti ngenxa yesikhathi esinaso. Asikwazi ukuhlehlisa noma ukuchibiyela uhlelo ngoba sincane isikhathi esinaso kodwa asinankinga nokuthi nihambele umcimbi.”
Nelungu le-IFP uMnuz Poobalan Govender, libongile ngokuvunyelwa ukuthi bathamele lokhu kuvulwa kwesiShayamthetho.
“Siyabonga ukuthi nisivumele ukuthi sihambele lo mcimbi ngoba ubaluleke kakhulu.”
Kubuzwa uNksz Nomusa Phungula, okhulumela isiShayamthetho mayelana namalungiselelo okuvulwa ngokusemthethweni kwesiShayamthetho, ushaye ngamafuphi wathi bazomemezela uma sekuphothulwe konke.
“Sizomemezela uma seziphothule izingxoxo nazo zonke izinhlaka,” kusho uNksz Phungula.
Ngosuku lokuqala lokuvulwa kwesiShayamthetho iMbube ithula inkulumo ixwayise ngezinto ezithile.
Ngalezi zinsuku zokuvulwa kusuke kudliwe ingqephu amalungu esiShayamthetho kanjalo nezimenywa.