SEKUQUBUKE umsindo ngezincwadi ezisabalale ebandleni lamaNazaretha eBuhleni, ezigxibha umholi walolu hlangothi, uMnuz uMduduzi Shembe uNyazilwezulu ukuthi akayena umholi ofanele.
Isolezwe ngeSonto linayo ikhophi yalezi zincwadi, okuthiwa bezisatshalaliswe eBuhleni ngeledlule, zigxibha uNyazilwezulu.
Yize zingasayiniwe ukuthi zibhalwe ngubani kodwa kuyavela kuzona ukuthi abanye abavangeli nabashumayeli baseBuhleni banolwazi ngazo futhi sebekhathele ukuphathwa wuNyazi ngendlela engagculisi.
Phakathi kwezinto ezisencwadini wukuthi uNyazilwezulu alunaso isibusiso sokuba wumholi ngenxa yokuthi abantu abanikela kulona bavele bahlupheke ngisho besebenza, kunokuthi banothe, okuyinto abayilindele uma benikela kumholi ofanele. Kuvele nokuthi lusolwa ngokuhlangana nomfundisi ogaguliwe nonkosikazi walo ukwenza izinto ezingamukelekile ebandleni.
Okunye okuvela ezincwadini ngukushona kwabazalwane okuthiwa bafa uma kuhanjelwe imigubho yebandla. Kuthiwa amakholwa asehlalele ovalweni uma kuza imigubho.
Omunye wabashumayeli baseBuhleni ongathandanga ukudalulwa, uthe impela bayazazi izincwadi ezisakaziwe futhi zikhuluma iqiniso ngokwenzeka ebandleni.
“Kumanje sihlela ukuba nomhlangano namakhosi, ozoba senkonzweni ezoba seJudiya ngesonto elizayo, ukudingida lezi zinkinga ezisebandleni. Le ncwadi sekungeyesithathu eveza izinto ezingamaqiniso ngebandla kodwa akukhulunywa ngazo. Inkinga wukuthi uma sizikhuluma thina singabashumayeli kuvele kuthiwe sihambisana nohlangothi lwaseThembezinhle, okungelona iqiniso. Sibone kungcono ukuthi sisabalalise lezi zincwadi, ukuze indaba iqalwe ngokuthi kukhulunywe ngazo,” kusho umshumayeli.
Uthe kuningi abanganelisekile ngakho futhi kunezinsolo zokuthi uNyazi luhlangene nomfundisi okunezinsolo zokuthi udla nalo izimali zebandla. Uthe umfundisi lowo nguyena kuphela okwazi ukungena lapho kukhona uNyazi, aphume esedonsa amapotimende okungaqondakali noma ngawemali njengoba ehlala endaweni yezimpunyela kodwa ungaqondakali umsebenzi omnika imali njengoba eyimpunyela.
Imizamo yokuthola umfundisi ogaguliwe ukuthi aziphendulele ayiphumelelanga. Nomyalezo athunyelwe wona akawuphendulanga. Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe bazibonile zincwadi kodwa bacela ibandla lingazinaki.
“Kunabantu abazama ukuxova ibandla ngokukhuluma izinto ezingekho. Kunephalishi elibondwa ngabathile ebandleni, okubonakalayo impela ukuthi selivuthiwe. Kukuwona-ke amaNazaretha aseBuhleni ukuthi ayavuma yini ukuthi leli phalishi liphakelwe ezitsheni zawo. Luningi ukhula oselukhona ngaphakathi ebandleni, olwenza kwene ngalolu hlobo.”