SEBEYATHUTHA endaweni abantu basesigodini sakwaNgqinya ngaphansi kwesizwe sakwaMakhanya, eMbumbulu ngemuva kokuqubuka kwempi okusolwa ukuthi isuswe umbango wengoma.
Ngokusho koMnyango wezokuPhepha KwaZulu-Natal bangaphezu kuka-80, abantu asebeshonile ngenxa yale mpi.
Esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili kusukela ngoLwesihlanu olwedlule, bahlanu abantu asebebulewe kule ndawo, abathathu babo abakangcwatshwa.
Laba bantu abasanda kubulawa ngoMnuz Zikhulumele Ngcobo, Felizwe Ngcongo, Skhona Dube, Zamokwakhe Dlamini noSthembiso Chonco.
Nakuba kungaqondakali ukuthi kubangwani kodwa kuthiwa lokhu kubulalana kuhlobene nengoma kanti sekuhamba kufake nendaba yamatekisi ngenxa yokuthi imindeni ethintekayo inamatekisi.
Isibhamu kule ndawo kuthiwa sikhala imini nobusuku.
Izolo, ithimba leSolezwe lihambe kule ndawo liyohlola isimo ngemuva kokulunywa indlebe ngamalungu omphakathi akhathazekile ngesimo esiqhubekayo.
Okugqamile ukuthi wonke umuntu, kubalwa amaphoyisa nezinduna zakwaMakhanya, uyasaba ukukhuluma ngale ndaba.
Sekujutshwe amaphoyisa aseThekwini ophiko olulwa nothuthuva emphakathini ukuthi kube ilona oluqaphe isimo.
Leli thimba izolo belilokhu lizulazula endaweni, kukhona ngisho nendiza enophephela emhlane nayo iqaphile.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa olwazi ukusuka nokuhlala lolu daba, uthe into ebangwayo ingoma kwase kungena nendaba yamatekisi.
“Impi isuke ngomndeni wakwaNgcongo onengoma ebisiniswa igosa lakwaShange, kube nokungaboni ngasolinye, abakwaNgcongo babe sebethi bafuna ukuziphathela ingoma yabo, abakwaShange base bayaxebuka, bazimela baba nengoma yabo,” kusho umthombo.
Uthe indaba yamatekisi ingena ngokuthi kunonkosikazi wakwaNgcongo onamatekisi ngoLwesihlanu olwedlule okudutshulwe umshayeli wakhe ehamba nabagibeli. Umshayeli wetekisi usindile kwathi umgibeli, uZikhulumele Ngcobo, washona.
Umthombo uthe lo nkosikazi onamatekisi uzalwa kwaGumede, abafowabo bayaziwa, basatshiwa okwenyoka embonini.
“Yonke le nto isuka ngengoma yakwaNgcongo, ngoba omunye wabantu ababulewe lona wakwaDlamini (Zamohluke) ubesina engomeni yakwaNgcongo,” kusho umthombo.
UMnuz Sthembiso Chonco, omunye wababulewe Isithombe: SITHUNYELWE
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseMbumbulu aphenya icala lokubulala nokuzama ukubulala.
“Kuyasoleka ukuthi ngoJuni 17, umshayeli wetekisi wayelayishe abagibeli esuka eSiphingo eya eMbumbulu ngesikhathi edutshulwa nomunye umgibeli,” kusho uMbele.
Uthe amaphoyisa azama ukuphuthuma kulesi sigameko, nawo afike ahlaselwa.
UCol Mbele uthe ngemuva kokuthi kudutshulwe etekisini kube sekudutshulwa uChonco esemzini wakhe.
Uthe okwamanje bekungakaboshwa muntu.
INkosi yeSizwe sakwaMakhanya, uKhehla Makhanya, inxuse ukuthi kube nokuthula endaweni yayo njengoba kuqhubeka ukubulalana.
“Asazi ngempela ukuthi kubangwani, sizwa kukhulunywa ngengoma kubuye kufakwe indaba yamatekisi nathi sididekile kodwa engikucelayo ukuthi akubekwe phansi izikhali,” kusho uMakhanya.
Uthe kwayena useyasaba ngoba akazi ukuthi kwenzakalani.
“Isibhamu sikhala imini nobusuku, abantu sebeyathutha endaweni. Yimbi le nto eyenzekayo ngoba ibuyisela indawo yaseMbumbulo odakeni,” kusho uMakhanya.
Namhlanje, uNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uzohambela kule ndawo eyohlangana nenkosi nezinduna ngenhloso yokubhula umlilo.