KUPHENYWA izinsolo zokuqasha ngobuhlobo kuMasipala wakubaQulusi emva kwezikhalo zokuthi izihlobo zamakhansela ziyazitamuzela nje kulo mkhandlu uma kunamathuba emisebenzi.
Uphenyo luqhutshwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal othole izikhalo zokuthi kunezihlobo zamakhansela eziqashwe ngaphandle kokulandelwa kwemigomo.
UMphathiswa woMnyango, uNkk Bongi Sithole-Moloi, usebhalele uSomlomo womkhandlu, uNksz Nonkululeko Ndlela, ecela ukuba umkhandlu uphendule ngalezi zinsolo.
Isolezwe libone incwadi lapho uNkk Sithole-Moloi efuna khona incazelo ngokuqashwa kwabantu okuthiwa baqashwa ngendlela engaqondakali.
Phakathi kwezinto uNkk Sithole-Moloi afuna ukuba umkhandlu umhlinzeke ngazo kubalwa izicelo zemisebenzi ezafakwa izihlobo zamakhansela eziqashiwe, kube imiphumela yenhlolokhono eyenziwa, nezincwadi eziphakamisa ukuthi kuqashwe izihlobo zamakhansela.
USithole-Moloi unikeze umkhandlu izinsuku eziyisikhombisa ukuba umnike imininingwane ayidingayo.
“Nginethemba lokuthi nizoluthathela phezulu lolu daba, ninikeze izimpendulo ngoba izinsolo ezenziwe zibucayi.”
Isikhalo sibale izihlobo zamakhansela ezinhlanu okuthiwa zaqashwa ngendlela engaqondakali.
Esinye isihlobo sekhansela kuthiwa savele saqashwa ngokugcwele ngaphandle kokuthi kukhangiswe isikhala somsebenzi.
Kuthiwa kukhona nabasebenzi ababeyitoho abavele baqashwa ngokugcwele ngaphandle kokuthi kukhangiswe izikhala zomsebenzi.
Isikhalo siphinde siveze ukuthi kunomsebenzi owaqashwa ukuba abe ngumabhalane e-call center, engenawo u-matric okwakuthiwe uyafuneka esikhangisweni somsebenzi.
UNkk Sithole-Moloi uthe umthetho uyamvumela ukuba acele izimpendulo uma kunezinsolo zokuthi umkhandlu awuyilandeli imigomo.
UNksz Ndlela uthe umasipala uzobambisana nophenyo lomnyango.
Uthe akuqali ukuthi uNkk Sithole-Moloi abuze ngalolu daba.
Uthe wakuphendula konke ayekubuzile, wathi namanje uzophinde aphendule kulokho akwazi ukukuphendula.
“Ngoba bathi bazoqala uphenyo ngokwesigaba u-106 somthetho wokuphathwa komasipala, ezinye izimpendulo bazozithola kahle uma sebeqale uphenyo. Lapho bazobe sebekwazi ukukhuluma nayo yonke iminyango yomkhandlu, bathole izimpendulo ezigcwele.”
Khonamanjalo uNksz Ndlela neMeya kaMasipala, uMnuz Sifiso Mkhwanazi, bathole izincwadi ezibabizela enkantolo ukuba bazokwethula ubufakazi ecaleni elithinta inkohlakalo emkhandlwini.
Icala lithinta udaba lwesikhulu esavele saqashwa ngokugcwele isikhala somsebenzi singakhangiswanga.
UNksz Ndlela noMkhwanazi babizelwe eNkantolo yeMantshi eVryheid, ngoJuni 4.
UNksz Ndlela uthe uzoya kokwethula ubufakazi njengokubizwa kwakhe yinkantolo.