NGEKE zisaholwa eposini izibonelelo zikahulumeni njengoba iSouth African Social Security Agency (Sassa) nePostbank imemezele ukuthi kuzogcinwa ngoMashi wonyaka ozayo.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba yiSassa nePostbank, kuvele ukuthi kusukela ngoJanuwari wonyaka ozayo uhlelo lokuhola izibonelelo eposini luzobe luqedwa. Abokugcina ngci ukuhola ngeposi bazoholelwa ngoMashi wonyaka ozayo.
Ngo-Okthoba Isolezwe labika ukuthi bawu-5.3 million abantu abahola izibonelelo zabo eposini.
Kucelwe abahola eposini ukuthi baqale ukusebenzisa ezinye izindlela zokuhola izibonelelo zikahulumeni.
Kumenyezelwe ukuthi ikhadi lokuhola izibonelelo zikahulumeni eposini elibizwa ngeSassa Gold card, liyakwazi ukukhipha imali kuma-ATM amabhange ahlukene nasezitolo.
Phakathi kwezitolo ezidumile eziholela abantu izibonelelo kubalwa uBoxer, Shoprite, Pick n Pay, Spar, Usave neCheckers.
Izinyunyana zabasebenzi baseposini zisole uhulumeni ngokuzama ukuliwisa njengoba esezomisa ukuholwa kwezibonelelo kulona.
Zithe zizoxoxa ngalolu daba njengoba kuza izingxoxo zokudilizwa kwabasebenzi.
AbePostbank babalule ukuthi abantu bagqugquzelwa ukuba basebenzise ezinye izindlela zokuhola ngenxa yokwanda kwezigameko zokugqekezwa kwamaposi bese kwebiwa imali yezibonelelo.
Babuye baveza ukuthi kusukela ngo-2018, babezibophezele ekwethuleni ezinye izindlela zokuholela abantu.
ISassa ithe njengoba kuwuDisemba, u-98% wabahola izibonelelo usebenzisa izindlela ezihlukene zokuzihola. Yathi ngeke kube nokuphazamiseka okutheni ngalezi zinguquko ezintsha.
Ithembise ukuthi abekho abazosala ngaphandle njengoba kushintshwa izindlela zokuhola.
Iphinde yakhumbuza abantu ukuthi amakhadi akwaSassa azobe esasebenza ngonyaka ozayo ngeke aphelelwe yisikhathi ngoDisemba.