INOMBOLO yezimoto zaseRichards Bay enqanyulelwa ngokuthi iNRB isiphelile, izimoto zakule ndawo ezintsha sezizosebenzisa iNUF.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, ufake isaziso sokuthi kusukela izolo, le nombolo yemoto ngeke isasebenza kodwa abebevele benayo bazoqhubeka bayisebenzisa kodwa abafuna ukubhalisa izimoto zabo ezintsha ngeNRB ngeke besavumeleka ngoba isibalo sesifinyelele ekugcineni.
Isaziso esikhishwe yilo mnyango sithi ungqongqoshe ngokugunyazwa umthetho, iNational Road Trafic Act ka-1993 yango-1996 uma kunesizathu asibonayo uyakwazi ukwenza ushintsho ngokubhaliswa kwezinombolo zezimoto.
Siqhuba sithi kubonakale ukuthi izimoto ezibhaliswe ngale nombolo engena ngaphansi kukaMasipala uMhlathuze sezifinyelele ekugcineni ngakho kumele abanikazi bezimoto basebenzise ethi NUF.
"Abanikazi bezimoto esezivele zibhaliswe ngoNRB bangaqhubeka nayo, uma befisa ukuzishintshela kuNUF bangakwenza lokho kodwa izimoto ezibhaliswa okokuqala egameni lomuntu ngeke zisanikezwa lolu phawu," isazizo kwi-website yalo yomnyango.
UMnuz Bongani Gina okhulumela uMasipala uMhlathuze, uthe uyazi ukuthi abantu abaningi abahlala kule ndawo bayayithanda le nombolo ngoba ikhomba ukuthi bahlala kuphi kodwa ngeke besakwazi ukuyisebenzisa ngoba isibalo sezimoto sesifinyelele ekugcineni.
"Umthetho olawula izinombolo zezimoto KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape, uthi inombolo kumele igcine ezinombolweni ezinhlanu, uma sekufike esigabeni lapho sezizoba yisithupha iyamiswa. Ingaze ikhushulwe uma ikhabhinethi yesifundazwe ithatha isinqumo sokuthi ayikhushulwe.
“Akuqali ukwenzeka lokhu ngathi nenombolo yasePinetown , iNPN kwenzeke okufanayo kwasetshenziswa inombolo ethi NU, kanjalo nasePort Shepstone iNPS nayo kwenzeke okufanayo. Okwamanje akukho esingakwenza," kusho uGina.
Umnyango uthe akulula ukuthi kube nenye inombolo engakhelwa abantu baseRichards Bay okungcono ukuthi kusetshenziswe iNUF evele ekhona.