AYANCIPHA amahlathi okucasha kwi-ANC elahlwe yicala lokushaya indiva umyalelo wenkantolo wokuba ihlinzeke iDA ngayo yonke imibhalo equkethe okwakuxoxwa yikomiti le-ANC elijuba abaholi ezinhlakeni zikahulumeni.
I-ANC iphinde yahlangabezana nenye imbibizane kulempi yomthetho njengoba iNkantolo eNkulu eGoli iyiyalele ukuba inikeze iDA yonke imibhalo zingakapheli izinsuku ezingu-15.
I-ANC yanika iDA imibhalo ngasekuqaleni konyaka emva kokuphoqwa yisinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.
Kule mibhalo eyahlinzekwa iDA, ayefihliwe amagama abantu ababephakanyiselwa ezikhundleni, i-ANC yaphinde yakhala ngokuthi eminye imibhalo ayitholakali.
I-DA yabe isinikela enkantolo isola i-ANC ngokushaya indiva umyalelo wenkantolo.
Inkantolo iyalele i-ANC ukuba ihlinzeke iDA ngemibhalo yayo yonke imihlangano yekomiti elijuba abaholi ezikhundleni.
Kulemibhalo kubalwa ama-email nezingxoxo ze-WhatsApp zamalungu ekomiti.
Ilungu leDA, uDkt Leon Schreiber uthe i-ANC angeke ikuthole ukuphumula ingakayilethi yonke imibhalo.
“I-ANC isikukhombise ngokusobala ukuthi izimisele ukwenza noma yini ukufihla izinto ezazixoxwa emihlanganweni yekomiti. UMengameli, uCyril Ramaphosa, uyena owayengusihlalo wekomiti ngalesikhathi.
“Bazokwenza noma yini ukuze bafihle ukuthi ukujuba kwabo izikhulu yikona okwenza ukuba kube nokulawulwa kobbuso yidlanzana.
“Siyajabula ukuthi inkantolo ivumelane nathi. Njengoba inkantolo ivune thina, sinxusa uRamaphosa ukuba enze into elungile, khona kuzophela lempi yezomthetho.
“Isikhathi sidliwe yinja kwi-ANC njengoba benikwe izinsuku ezingu-15 ukuba basinikeze imibhalo ephelele, engafihliwe amagama abantu.
“Njengoba besilokhu senza ngesikhathi kuqhubeka lempi yezomthetho, sizothatha izinyathelo zomthetho ezifanele uma singanelisekile,” kusho uDkt Schreiber.
Okhulumela i-ANC kuzwelonke uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe bebengakanqumi ukuthi bazowulandela yini umyalelo wenkantolo.
“Sisalinde ukuthola isinqumo senkantolo esibhaliwe, sobe sesibona ukuthi sikhona yini isidingo sokusiphonsela inselelo isinqumo senkantolo,” kusho uNkk Bhengu-Motsiri.
Uthe bafuna ukuthi nayo iDA ibahlinzeke ngemibhalo yekomiti elijuba izikhulu lapho iphethe khona.
“Thina siyayilandela imiyalelo kodwa iDA iyabaleka neyayo imibhalo. Kuhluleke noma sesifaka isicelo sokunikezwa imibhalo ngaphansi komthetho iPromotion of Access to Information Act.
“Banqaba baphetha ukusinikeza imibhalo emayelana nokujutshwa kwezikhulu eminyangweni kahulumeni waseWestern Cape nakuMasipala waseCape Town. Sicela ukuthi iDA isinike lemibhalo,” kuphetha uNkk Bhengu-Mmotsiri.