KUSENZIMA ukuphila nesilonda sokubulawa kwendodakazi kunina wentombazane (4) eyadlwengulwa umakhelwane, wayiklinya, wayishisa yashona. USongezo Mpulampula (22) waseHarding owavuma icala lokudlwengula nokubulala le ngane ngoSepthemba kulo nyaka, ugwetshwe odilikajele ababili iNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Lokhu kulandela ukuthi uMpulampula aphuma endaweni yokucima ukoma, wagulukudela komunye womakhelwane wafica le ngane endlini nomunye umakhelwane. UMpulampula waphuma ewumuntu oya ethoyilethi maqede walutha le ngane wayivalela ethoyilethi wayidlwengula. Akagcinanga lapho kodwa wenza nesihluku esiphindiwe sokuyiklinya ingane waze wacosha uplastiki owawuphansi wawushisa maqede wayiconsisela ngawo emzimbeni wonke . Emuva kwalokho wabe esedla phansi wangalala ngisho eHarding kodwa amaphoyisa amthungatha izinsuku aze amthola eMzimkhulu.
Umshushisi u-Advocate Prettygirl Ngcobo wethule isitatimende esibhalwe wunina wengane echaza ngesimo akusona selokhu kwabulawa indodakazi yakhe. Utshele inkantolo ukuthi asisuki isithombe sesimo ayithola ikuso indodakazi yakhe. Selokhu kwenzeka lokhu ubhekene nengcindezi yengqondo waze washintsha nesifundazwe ngoba akwamukeleki lokhu okwamehlela.
Okhulumela uphiko lwezokushushiswa komphakathi iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara uthe lesi sigwebo banethemba lokuthi sizothumela umyalezo oqinile kwabayizinswelaboya. Njengoba kuyizinsuku zomkhankaso wokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane iNPA ithe lesi sigwebo siveza ngokusobala indima eyidlalayo ukulwela abagilwa nokulwa nobugebengu kuleli. UMpulampula lezi zigwebo zodilikajele ababili uzozidonsa kanye kanye.