UTHISHANHLOKO wesikole samabanga aphezulu KwaXimba eCato Ridge, umfundi wakhona otholwe ebulewe ephuma emdlalweni webhola, uthi akusebenzeki selokhu ebone isidumbu sakhe.
UNkk Phumzile Mngenge onguthishanhloko eSt Julius Secondary uthe kunzima kuyena nothisha ababone isidumbu sikaMbalenhle Magcaba (20), esitholwe ngoLwesihlanu olwedlule. Lo mfundi obenza uGrade 11 kuthiwa wagcina ukubonakala kuhlukanwa emdlalweni webhola obusesikoleni. Isidumbu sakhe satholakala ngoLwesihlanu ngezithuba zabo-11 emini, eduze kwesinye isikole esiseNconcosi KwaXimba.
UNkk Mngenge uthe konakala usuku ngesikhathi kufika umbiko wokutholakala kwesidumbu somfundi wakhe. “NgoLwesine (lwesonto eledlule) kwakudlalwa ibhola esikoleni, abafundi badedelwa ngo-3 ntambama. NgoLwesihlanu sathola umbiko wokuthi asiphuthume lapho kutholwe khona isidumbu somfundi wethu. Satholwa yilungu lomphakathi ebelibheka izimbuzi.”
UMBALENHLE Magcaba obengumfundi kaGrade 11 eJulius Secondary KwaXimba, isidumbu sakhe esitholwe siklinywe ngothayi ebuya emdlalweni wesikole IsIthombe: SITHUNYELWE
Uthe waziyela yena mathupha nabanye othisha, bafica isidumbu sikaMbalenhle sisehlathini elinezihlahla eduze komgwaqo. “Kunzima ukudlulisa lesiya sithombe emqondweni. Ubesagqoke inyumfomu kodwa iphenti lingekho. Kubonakala sengathi waklinywa ngothayi abesawugqokile, kunokusikeka entanyeni. Ubuchotho buqhume baphuma ngamakhala. Sesibuya endaweni yesigameko savele sazigodukisa izingane kungasa-sebenzeki,” kusho uNkk Mngenge.
Uyise kamufi uMnuz Philemon Magcaba, uthe yize engazi ukuthi ibulaweleni indadakazi yakhe, usola ukuthi umsolwa ngowasendaweni. Uthe indlela ababone ngayo isimo kubonakala sengathi konke kwenziwa khona endaweni yesigameko.
“Sabona engabuyi ngoLwesine sakhathazeka kungalaleki nasebusuku. Ekuseni ngoLwesihlanu ngavuka ngayombheka kuyise wengane yakhe naye wathi akamazi. Ngibuye ngathola umbiko emaphoyiseni ethi angizobona isidumbu,” echaza.
UMagcaba uthe intamo yendodakazi ibivuvukele, nasemzimbeni kukhombisa ukuthi ishayiwe. Uthe akaboni ukuthi lesi senzo ngesomuntu oyedwa indlela elimele ngayo. Uthe namuhla uyobheka umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu njengoba belungiselela ukuthi angcwatshwe ngeSonto. Kuhlelwe nenkonzo yokumkhumbula namuhla esikoleni. Umufi kuthiwa ubenendodana eneminyaka emibili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala. “Umbiko wokuhlolwa kwesidumbu uzocacisa ngokufa kwakhe. Okwamanje akekho oseboshiwe.”