OWAYEYISOKA lomculi we-Afro pop, uKelly Khumalo, uyavumelana nodadewabo kaKelly, uZandie Khumalo ukuthi lo mculi umsulwa ekubulaweni kukaSenzo Meyiwa.
UZandie ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi namanje usamile ekutheni uKelly akahlangene netulo lokusocongwa komdlali.
NoZamokwakhe "King Bhaka” Nzama, ekhuluma kwiYouTube Channel yakhe, iKing Bhaka TV, uthe uKelly akusiye owadubula uSenzo futhi akakhiphanga nendibilishi ekuthengeni izinkabi ezabulala uSenzo.
Laba bakhuluma kanjena nje eNkantolo eNkulu yasePretoria, kusanda kuvela ubufakazi bokuthi nguKelly ongungqondongqondo ekuhlelweni kwetulo lokusocongwa kukaSenzo.
UZandie uthe usamile namanje futhi uyakholelwa ekutheni udadewabo umsulwa.
"Eqinisweni nginesiqiniseko esiwu-200% sokuthi akahlanganise lutho nalokhu. Mina-ke angincethezi futhi angisabi muntu, uma ubheda nje, uyabheda nje kwaphela lapho. Anginandaba noma uwubani noma uyini kimi." Uthe okumenza abe nesiqiniseko ngoKelly ukuthi uyamazi.
UKing Bhaka, ozishaya isifuba ngokuba wungoti ezintweni zakamoya, uthe uKelly akanacala ukuthi nje uSenzo wasuke wabulawelwa kubo kaKelly. Uthe uSenzo wadayiswa yidlozi lakubo kaKelly ngenxa yomsindo owawuphakathi kwabakwaMeyiwa nabakwaKhumalo.
"Okwenza uSenzo ashone kwaba yingxabano ebithinta laba ababili, ingxabano eyayithinta lemindeni emibili. Idlozi lalo mntwana lagcina lingasamvikeli (uSenzo). USenzo wayengagwaza yisipikili abole umlenze ashone noma akhashwe wumuntu ashone."
Uthe manje idlozi lakwaKhumalo, selivikela uKelly ukuba igama lakhe lingahuduleki phansi. UKelly wazivumela kwiCity Press ngo-2015 ukuthi wake wajola noKing Bhaka kodwa babuye baxabana kangangoba waze wahlokoloza ngomunwe esweni emuva kokuba esuke uKing Bhaka wamthinta izinqe.
UZandie uthe uyafuna ongungqondongqondo ekufeni kukaSenzo abhadle ejele kodwa uyakholelwa kakhulu ukuthi ababoshwa yibo ababulali.
"Okokuqala nje angikaze ngaqamba amanga ngaphansi kwesifungo. Nganikeza ubufakazi engibaziyo nengibukhumbulayo." Uziqhelanisile nokuba wumbimbi nabahlela itulo lokubulawa kukaSenzo uma labakhona.
Uthe yena usamile ekutheni usola ubani futhi uma kuvela ukuthi uyaphaphalaza, uyoxolisa kuye. UZandie yilokhu ethi akuphenywe umfelokazi kaSenzo, uMandisa Mkhize ngoba usola ukuthi nguye owathumela izinkabi ukuba zizobulala uKelly.
USenzo wabulawelwa kubo kaKelly eVosloorus, eGoli ngo-Okthoba 26, 2014.
Lo nozinti wabulawa kukhona uZandie, uKelly, umngani kaSenzo uTumelo Madlala noMthokozisi Thwala, nonina kaKelly noZandie uNtombi Khumalo.
Bahlanu abasolwa ngokubulawa kukaSenzo kodwa umphenyi omkhulu uBrigadier Bongani Gininda, usanda kuveza ukuthi wayefuna uKelly abe ngumsolwa wesithupha ngenxa yobufakazi obumyamanisayo necala.