IKHOMISHANA ebhekelele abathengi, iNational Consumer Commussion (NCC), idonse ngendlebe bonke abathenge ipeanut butter yaseDischem ukuba bayibuyisele emuva.
Ipeanut butter ebuyiselwa emuva yileyo yaseDischem ebizwa ngeLifestyle ewu-400g e-smooth ne-crunchy naleyo ewu-800g.
Kufanele kubuyiselwe emuva naleyo ebizwa nge-Wazoogles Superfoods kusukela kwewu-32g kuya kwewu-20kg.
Isaqhubeka nokubuyiselwa emuva ne-peanut butter yasePick n Pay ewu-No Name ewu-1kg.
Kufanele abantu babuyisele emuva ne-Eden All Natural. INCC ithe i-peanut butter yasePick n Pay, Eden All Natural neyaseDischem ethunyelwe kuzo zonke izitolo zalezi zinkampani ezweni jikelele. EyaseWazoogles Superfoods ithunyelwe eWestern Cape kuphela.
UKhomishana we-NCC, uNksz Thezi Mabuza ucele abantu ukuthi babuyisele le mikhizo ezitolo ukuze babuyiselwe imali yabo.
Uthe imali bazobuyiselwa noma ngabe abasenawo amaresidi.
Isizathu sokubuyiselwa kwale peanut butter emuva wukuthi ine-Aflatoxin ephezulu. I-Aflatoxin yigciwane elikhiqizwa yizinhlobo ezithile zokudla, kulokhu kutholakale ukuthi liphezulu ngakho kufanele ibuyele emuva le mikhiqizo.
“Sesiqale uphenyo lweHouse of Natural Butters ekhiqiza le peanut butter. Sizosiqapha ngeso lokhozi isimo, ukuqinisekisa ukuthi le mikhiqizo ayikho emashalofini ezitolo. Sicela abakhiqiza ipeanut butter nokunye ukudla ukuthi bakuhlole njalo ukuqinisekisa ukuthi kukulungele ukudayiselwa abantu,” kusho uNksz Mabuza.
Uthe i-Aflatoxin ingenza loyo odle ukudla okunayo acanuzelwe yinhliziyo, aphalaze noma abe nobuhlungu esinyeni.
“Sicela abantu baseNingizimu Afrika bayibusele emuva le mikhiqizo esiyibalile. Imali bazoyithola beneresidi noma bengasenalo. Imithetho yezabathengi ikubeka kucace ukuthi imikhiqizo ebeka engcupheni impilo yabo kufanele ibuyiselwe emuva. Abayibuyisele nalena,” kuphetha uNksz Mabuza.