UMNYANGO wezaseKhaya umema abantu ukuba baphawule ngomthethosivivinywa wemishado ohlose ukunika abantu bakuleli amalungelo.
Umthethosivivinywa obizwa ngeMarriage Bill 2023, uhlose ukunika amalungelo afanayo kulo lonke uhlobo lomshado ungakhethile inkolo, ubulili, usiko nokunye obekuvalela abantu ngaphandle.
Umthetho omusha kulindeleke ukuthi uvikele amalungelo abashadele esithenjini, abashade ngaphansi kwezinkolo ezihlukene kwazise ekuqaleni bekukhalwa ngokuthi amalungelo abashadele esithenjini awabhekelwa wumthetho wemishado.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini isiphakamiso sokuthi nabesifazane bavunyelwe ukuthi babe nesithembu sike sasusa umsindo.
Umphakathi uyacelwa ukuthi uthumele imibono kungakadluli u-Agasti 31.
Kulindeleke ukuthi abantu baphawule nangamalungelo abafisa ukuthi anikwe abakipitile nalabo abanquma ukuphilisana kwezothando kodwa bengashadile.
UMnyango wezaseKhaya uthe ufuna umthetho womshado uhambisane nezikhathi zamanje.
Kuthiwa lo mthetho uzovikela namalungelo ezingane eziye ziphoqwe ukuba zishade zingenayo iminyaka ewu-18 futhi kufanele abantu baphawule ngezijeziso ezinganikwa abenza lo mkhuba.
Abantu bangaphawula ngokuthumela i-email [email protected] noma [email protected].
Bangazihambisela izethulo zabo emahhovisi oMnyango wezaseKhaya ku-230 Johannes Ramokhoase Street, Pretoria.
Bangazithumela nangeposi ku-Department of Home Affairs, Private Bag X114, Pretoria 0001 nangefeksi ku-0865 769025.