UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ukhuthaze izakhamizi ukuthi zingavumi kube nabantu abasebenzisa ugesi wezinyokanyoka ukuze zigweme ukuthi ucishwe.
Ukhulume kanje eseNtshanga, eThekwini ngoLwesibili ebusuku ehlangene nomphakathi.
Ubekade ebungaza nawo ukuthi sekuyakhanya emuva kwesikhathi esiwunyaka nezinyanga ezine lendawo ingenawo ugesi.
Kuthiwa lokhu kubangelwe wukuqhuma kwesiphehlamandla sikagesi ngenxa yabantu ababekade bezixhumele ugesi ngendlela engekho emthethweni.
Kuvela ukuthi i-Eskom, okuyiyona ephakela ugesi lendawo, iyalele umuzi ngamunye ukuthi ukhokhe uR3 000 ukuze kulungiswe isiphehlimandla sikagesi ebesicekeleke phansi.
“Umphakathi akufanele wenze izinto ezingekho emthethweni. Kukhona abantu abawukhokhelayo ugesi bese kuba khona labo abawuntshontshayo.
“Ukukhokhiswa kwabo, (okwenziwe yi-Eskom), sekuzodala ukuthi wonke umuntu azibophezele, angavumi kube nabantu abawuntshontshayo ngoba naye yimali yakhe lena ayikhokhile, kuthengwa itransformer,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uxwayise wathi umphakathi uzoba nenkinga uma ungayinakekeli ingqalasizinda yawo.
Uveze ukuthi i-Eskom inomgomo wokuthi uma kusha i-transformer yenza uphenyo ithole ukuthi bangaki abantu abasebenzisa ugesi.
Kuthiwa emuva kwalokho ibe isilungiswa kodwa uma iphinda isha, kumele umphakathi ukhokhe.
“Siwuhulumeni kube nomnikelo esiwenzayo ukuhlangabezana nomphakathi (waseNtshanga) ngoba sebekhombisile ukuthi bazimisele ukukhokhela ugesi futhi angabi khona owebayo.
“I-Eskom ibatshelile ukuthi uma iphinda isha i-transformer, abayisebenzisayo bazokhokha ngokuphindwe kabili imali yokuyilungisa,”kusho uNdunankulu.
USomlomo kaMasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Nyawose uthe indawo yaseNtshanga ingezinye ezihlinzekwa ugesi i-Eskom ngakho kuba lukhuni ukuthi umkhandlu ungenelele uma kunezinkinga zawo.
UNyawose uthe ukujabulele ukungenelela kukaNdunankulu noNgqongqoshe kaGesi (Dkt Kgosientsho Ramokgopa) enkingeni ebikhungethe lomphakathi.
Uveze ukuthi ziningi ezinye izindawo ezinenkinga efuze eyaseNtshanga okubalwa kuzona eNtshongweni, eMgababa, eMagabheni, eLovu nezinye ezihlinzekwa ugesi i-Eskom.
“I-Eskom ikhala ngokuthi abantu bayawuntshontsha ugesi, abawukhokheli. Siwumasipala siqale umkhankaso wokufundisa abantu ngobubi bokungawukhokheli ugesi.
”Sinomsebenzi omkhulu wokufundisa abantu ngokubaluleka kokukhokhelwa kwezidingongqangi zikahulumeni,” kusho uNyawose.
Uthe banethemba lokuthi nakulezi ndawo ezingenawo ugesi undunankulu uzobasiza ekutheni ubuye ngokushesha.