IZIKHALO ngokuhanjiswa kwezidingo kubantu nemibhikisho yamalungu omphakathi ekhala ngokugqoza kwentuthuko, kuthiwa ngezinye zezimbangela eziholele ekutheni uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal umemezele umlekeleli kuMasipala Umdoni ngenhloso yokuwutakula.
UMphathiswa walo mnyango uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, kuthe izolo wamemezela uMnuz Dhanpalan Devaraj Naidoo njengomlekeleli, emva kokuthi kuthiwa isigungu esiphezulu kuhulumeni wesifundazwe sivumelene ngokuthi ufakwe ngaphansi kwesigaba somthetho u-154(1) woMthethosisekelo, olawula ukuthi kulekelelwe umasipala okubonakala ukhungethwe yizingqinamba.
Ethula uNaidoo, uButhelezi umchaze njengonamava adingekayo njengoba ethe uneminyaka eyevile ku-30 esebenza komasipala okubalwa owesifunda Ugu noMdoni.
“Kuke kwaba nemibhikisho kulo masipala abantu bekhala ngokugqoza kwentuthuko, ukuntuleka kwamanzi, amaholo angefani kubasebenzi nokunye. Isigungu esiholwa wuNdunankulu uMnuz Thami Ntuli sithathe isinqumo sokuthi uhulumeni wesifundazwe ungenele kulo masipala ngaphansi kwesigaba somthetho 154 (1). U-Naidoo usemnkantshubomvu emsebenzini othinta omasipala ngakho amava akhe awangabazeki,” kusho uButhelezi.
Uthe lo masipala ukwabahamba phambili kwezokuvakasha ngakho kumele uphathwe ngendlela kuphinde kuhanjiswe izidingo kubantu okuyilokho abatshalizimali abafuna ukukubona.
Umasipala uphethwe yi-ANC okuthe ngokhetho lohulumeni basemakhaya ngo-2021, yathola izihlalo ezingu-18.
UButhelezi obehambisana neMeya uNkk Mbali Cele-Luthuli, uthe ukungenela kwesigungu esiphezulu sikahulumeni wesifundazwe kwamukelwe ngezandla ezimhlophe yiwona wonke amaqembu.
Kwenzeka lokhu nje ezinyangeni ezimbili ezedlule i-DA beyihlabe ikhwelo ifuna kufakwe lo masipala ngaphansi kweso lomlawuli, ngokwesigaba somthetho u-139(1)
Phakathi kwezinto leli qembu ebelikhala ngazo, ukugqoza kokuhanjiswa kwezidingo nokungalungiswa kwengqalasizinda.
Okhethweni lokuchibiyela ku-ward 15 kuwo lo masipala obelungenyanga edlule, i-DA iyibuyisile le ward njengoba yayinqobe ngo-2021.