ZIGAWULWE zabekwa phakathi kwabameli be-ANC nabeqembu elisha uMkhonto weSizwe, elesekwa owayengumengameli uJacob Zuma. Kulindeleke ukuthi benze izethulo zabo ngombango wegama nokuyicala elibhekwe ngabomvu.
UMkhonto weSizwe wethulwe wuZuma ngoDisemba nyankenye eGauteng, wathi yilona qembu azoleseka akasayingeni eye-ANC ngoba isishintshile.
Lokhu akwehlanga kahle kuKhongolose njengoba umangalele leli qembu eNkantolo yezoKhetho ikhala ngokuthi isebenzise igama lombutho wawo wezempi. I-ANC ikhala ngokuthi i-IEC bekungafanele ibavumele babhalise iqembu.
I-IEC phambilini iphawulile ngalolu daba ithe iqembu libhaliswe ngendlela efanele kwalandelwa yonke imigudu. Kulindeleke ukuthi udaba lungene eNkantolo yezokhetho eBloemfontein, eFree State.
Amacala ombango ahlukene kabili kukhona leli elingena ngoLwesibili bese kuba khona lapho okuzobangwa khona uphawu loMkhonto weSizwe nokuwudaba oluzongena eThekwini.
Kwenzeka konke lokhu nje kulungiselelwa ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29 nonyaka. Umholi wesikhashana wentsha yeMK uBonginkosi Khanyile usanda kushwabula ngokuthi uma iMK ingekho okhethweni ngeke kuvotwe.
Khonamanjalo kusalindwe abe-IEC ukuthi bacubungule amagama abantu abazomela amaqembu bese kuphuma isimemezelo ngokuthi bakhona yini abachithwayo.