AKUNGABAZEKI ukuthi lo nyaka uzoqala ngezinkinga ezikhungweni zemfundo ephakeme njengoba nezinhlangano zezitshudeni zikuvezile ukuthi uma izikhalazo zazo zingalungiswa, nakanjani kuzoshuba.
Sekuphenduke insakavukela ukuthi minyaka yonke kuba neziteleka ezehlukene ezithinta indaba yokuxhaswa yisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme. Akugcini ngezoxhaso kodwa nendaba yezindawo zokuhlala izitshudeni, kuhlale kuyindaba egudwini. Izitshudeni zazikhala ngokushiywa ngaphandle kwalabo abaziwa nge-missing middle, abazali babo abathathwa njengabahola kakhulu ngakho abakwazi ukuthola uxhaso.
Ukuze uxhaswe kudingeka ukuthi abazali bakho bahole ngaphansi kukaR350 000 ngonyaka.
Kube neziteleka ezikhungweni ezehlukene, ezinye zazo kwacekelwa phansi ngokushiswa kwengqalasizinda ebalulekile.
Ezikhungweni osekufana nesiko ukuthi kuyabhikishwa kuzona, iDUT, UKZN, Wits, UCT nezinye.
E-UKZN ophikweni lwaseMgungundlovu kwashiswa ihholo. Obekukhalisa izitshudeni uhlelo olusha lokukhokhwa kwemihlomulo yezitshudeni. Bezikhala nangendawo yokuhlala, ukuphucwa uxhaso kozakwabo abanye okwatholakala ukuthi kwakungafanele ukuthi baluthole.
Le mihlomulo ibikhokhwa yizinkampani ezine, ezigcine ziphucwa umsebenzi yiNSFAS emva kokuba kutholakale ukuthi obeyisikhulu esiphezulu salesi sikhwama, uMnuz Andile Nongogo, waba nesandla ngesikhathi kukhethwa enye yezinkampani.
UNongogo wagcina ekhonjwe indlela ngabaphathi balesi sikhwama emuva kophenyo lwabameli abazimele abathola ukuthi kukhona okungahambanga kahle ngesikhathi kuqokwa ezinye zalezi zinkampani.
Okunye obekukhalisa izitshudeni ukuphuza ukuphendula kweNSFAS ngalabo abaxhasiwe kanjalo nalabo abebelinde izimpendulo emuva kokukhalaza ngokungaxhaswa.
Inhlangano yamanyuvesi, i-Universities South Africa, ikhalile ngesikalo sikaR45 000 ngonyaka sokukhokhela indawo yokuhlala.
Le nhlangano yakhala ngokuthi ezinye zalezi zikhungo zibiza kakhulu ngakho le mali incane.
I-NSFAS yakhala ngokuthi ayinayo enye imali yokuthi chatha ngaphezu kwalesi sikalo.
Nenhlangano yamakolishi amakhono, iSouth African Public Colleges Organisation, yakhala ngokuhamba kancane kohlelo lokubuyisa izimpendulo kweNSFAS kulabo abasuke befake izikhalazo ngoxhaso.
NoNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uDkt Blade Nzimande, wahlaba ikhwelo kulesi sikhwama ukuthi sisheshe siphendule kungaze kusuke izibhelu izitshudeni sezibhikisha zikhala ngokuhamba kancane kwalolu hlelo.
Nenhlangano emele imikhandlu yezitshudeni, iSouth African Union of Students, yanxusa ukuthi labo abachithwayo ekutheni bathole uxhaso kumele basheshe baphendulwe kungaze kulindwe umzuzu wokugcina bese kuyima bephendulwa.
Le nhlangano ibisho lokhu emuva kokuvulwa kohlelo lokufakwa kwezicelo zoxhaso kulesi sikhwama, okuqale ngenyanga edlule.
Lolu hlelo luzovalwa ngoJanuwari 31 kulo nyaka.
UNzimande umemezele ukuthi ngo-2024 luzoqala uhlelo lokuxhaswa kwe-missing middle, kodwa okukhalisa abaningi indaba yokuthi singase sehle isibalo sabaxhaswayo, njengoba kulo nyaka beyisigidi abaxhaswe yiNSFAS.
Ibamba lesikhulu esiphezulu seNSFAS, uMnuz Masile Ramorwesi, sisanda kudalulela ikomiti lezemfundo ePhalamende ukuthi zibalelwa ku-87 000 izitshudeni ezingase zingalutholi uxhaso ngenxa yokunqanyulwa kwesabelomali somnyango.
Lokhu kuthukuthelise izinhlangano zezitshudeni eziveze ukuthi kuzosuka umsindo uma ngempela kugcina kwenzeka lokhu ngoba kumele ngabe siyandiswa isibalo sabaxhaswayo kunokuthi sehliswe.
Izitshudeni zifuna kunyuswe nemihlomulo eziyithola nyanga zonke kwiNSFAS kanjalo kuphinde kube namahhovisi alesi sikhwama kuzona zonke izifundazwe ukuze kube lula ukufaka izikhalazo.
Lokhu kusho ukuthi uma sekuvulwa emanyuvesi, umsindo uzosuka njengoba emancane amathuba okuthi umnyango neNSFAS bahlangabezane nalezi zimfuno.