UHULUMENI wasekhaya yilona hlaka olusondelene kakhulu nabantu emazingeni aphansi.
Lokho kwenza ukuthi uma umuntu ecabanga ngohulumeni abone ikhansela nomasipala.
Omasipala bavamile ukuhlaselwa yizinkinga zokungabi nozinzo nokungaphathwa kahle kwemali.
Umasipala uba nobuholi bezepolitiki obuphathwa yimeya, yiphini lemeya nosomlomo, namakhansela. Okwabo wukwelusa ukusebenza komkhandlu ngaphansi kwemiyalelo nokujutshwa ngamaqembu abo.
Ngaphansi kwabo bese kuba khona izikhulu nabasebenzi abaholwa yimenenja zikamasipala, kube khona isikhulu sezimali nezikhulu zeminyango ehlukene. Kugcina kuba nomsindo nokuklwebhana komasipala, ikakhulu kulabo abaphethwe ngokubambisana kwamaqembu.
Kusuke kubangwa amandla nezikhundla bese umasipala ugcina ungasebenzi kahle. Kwabanye kuphazamiseka nemihlangano, kufakwane nasenkantolo. Ukuhlasela kwezinkinga komasipala kudalwa yizinto ezehlukene. Kuyenzeka ukuthi kufinyelele ezingeni likahulumeni wesifundazwe bese kuphoqeleka ukuthi angenelele. Uhulumeni wesifundazwe ugunyazwa yisigatshana soMthethosisekelo uSection 139, sokuthi usebenzise umlawuli.
Kunomasipala abaningi KwaZulu-Natal, nakwezinye izifundazwe abafakwe ngaphansi komlawuli ngenxa yemisebenzi yabo engagculisi.
Yini umsebenzi womlawuli?
Umlawuli ngumuntu noma abantu okukholakala ukuthi banolwazi namakhono afanele ukusiza umasipala abasuke bejutshwe nguhulumeni. Lowo muntu noma labo abasuke bejutshiwe basuke bebekelwe isikhathi esithize. Basuke beqashwe uMnyango ubanikeze imiyalelo ngokufanele bakwenze.
Isizindalwazi soMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, sichaza ngokuthi kusukelaphi ukufaka umlawuli.
“USection 139(1), 4 no-5 ugunyaza uhulumeni wesifundazwe ukuthi ungenelele kumasipala uma wehluleka ukuphasisa isabelomali njengokusho komthetho,’’ kusho uMnyango.
Lapha umnyango uba nokuthi uma isimo sezimali zomkhandlu sibheda kakhulu kungaphatheki ngendlela, kusuke kuphoqa ukuthi kungenelelwe.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Mngadi, uthi umnyango awuvuki ekuseni ufake umlawuli.
“Kwenziwa ucwaningo kubhekwe kabanzi izinto ezehlukene njengesimo sezimali, ukuphathwa komkhandlu nokunye. Umnyango ube usudlulisa udaba esigungwini esiphezulu sikahulumeni kube yisona esinqumayo,’’ kuchaza uMngadi.
Izinsolo zokulwa izimpi zepolitiki
Udaba lokufakwa komasipala ngaphansi komlawuli luvame ukubangwa kakhulu kuqubuke izinsolo zokudlalisana injeje, emaqenjini epolitiki. KwaZulu-Natal omasipala baphethwe ngokwehlukana, kukhona abangaphansi kwe-IFP, nabangaphansi kwe-ANC.
Uhulumeni wesifundazwe uphethwe yi-ANC, okuchaza ukuthi yiyona esemandleni okubheka ukusebenza komasipala nokuthatha izinqumo uma kufanele kufakwe umlawuli. Uqala lapho-ke umsindo! Uma amaqembu esola uhulumeni we-ANC ngokusebenzisa amandla awo ukulwa nomasipala bawo.
I-IFP isikhale kakhulu ngokuthi isola ukuthi kuphunywa iqhubu nomasipala bayo ukuthi bafakwe ngaphansi komlawuli. I-IFP isike yaba nemashi ibheke emahhovisi omnyango iyokhala ngalesi simo.
Amaqembu aphikiisayo aze aphosela i-ANC, nohulumeni inselelo yokuthi uma kwenziwa ngeqiniso kufanele noMasipala weTheku, ufakwe ngaphansi komlawuli ngoba usolwa ngokungenzi kahle.
UMasipala weTheku uke wasolwa ngokwehlukela wukusebenza ngendlela efanele kwaze kwangenelela umnyango kazwelonke, kwase kuthunyelwa abalekeleli. UMasipala weTheku yiwona wodwa umasipala omkhulu futhi owaziwa ngeMetro esifundazweni.
I-DA iphakathi kwamaqembu ashaya amakhala ngendlela okuqokwa ngayo abalawuli bafakwe komasipala bayo.
USihlalo weDA KwaZulu- Natal, uMnuz Dean Mcpherson, uke wathi iqembu lifuna ukuthola iseluleko sezomthetho ngokufanele bakwenziwe ngesimo.
“Indaba yabalawuli igcina iba wumgoqo ekusebenzeni nasekulweni nenkohlakalo. I-ANC igcina isebenzisa abalawuli ukulwa izimpi zepolitiki. Sitholile ukuthi abalawuli bagcina besebenzela i-ANC esikhundleni sokwenza umsebenzi wabo,’’ kukhononda uMcpherson.
Uqhube wathi ubona sengathi azikho izinhloso ezinhle ngokufakwa kwabalawuli kodwa kusuke kudlalwa ipolitiki nje. Okuqaphelekayo wukuthi kukhona omasipala abahlala isikhathi eside ngaphansi komlawuli.
Muva nje iMeya kaMasipala Abaqulusi, uMnuz Khehla Mkhwanazi, ibikhala ngokuthi uhulumeni ufuna ukufaka umasipala wayo ngaphansi komlawuli kodwa bayakuphikisa lokho.
Ibikhala ngokuthi abalawuli banomlando ongemuhle komasipala ngoba abavamile ukusiza ngalutho. Ibikhala ngokuthi abalawuli bafica omasipala besesimeni esibi bona benze sibe nzima kakhulu kunokulekelela.