KUZOBA yinkinga ukwelapha iziguli ezingu-30, ezishe kanzima ngesikhathi kuqhuma igesi ebithwelwe yiloli eBoksburg, ngenxa yokushoda kwezinsiza.
Lokhu kudalulwe izolo nguDkt Mara Moore, owelapha abashile esibhedlela iChris Hani Baragwanath, lapho okulaliswe khona iziguli. Uthe iziguli zidinga ukulaliswa ewodini yabadinga ukunakekelwa ngokushesha, i-Intensive Care Unit (ICU)yabantu abashile hhayi ejwayelekile.
NgoMgqibelo iloli ebelithwele igesi lishayise ibhuloho eBoksburg, maqede lagqamuka malangabi ngenxa yegesi, umlilo wasabalala kwasha imizi, ingqalasizinda, kwafa abantu abangu-27 kwalimala abaningi abalaliswe eBaragwanath.
Isibalo sabashonile sesinyukile safinyelela kwabangu-26.
"Isibhedlela sethu sinalo iwodi ebhekelele iziguli ezishile kodwa alinayo imibhede engu-30. Njengamanje sizama ngezinsiza esinazo. Inkinga yokushoda kongoti namawodi abhekelele ukusha eyomhlaba wonke.
“Kuleli kunezibhedlela ezingenawo amawodi ngenhlanhla thina sinayo kodwa akuyona eyokulalisa izigulieziningi kangaka," kuchaza uDkt Moore.
Uthe iziguli zisazohlala isikhathi eside e-ICU uma kubhekwa ukulimala kwazo, kumanje kunzima ukusho ukuthi amathuba okululama kwazo angakanani.
"Uma isiguli ukusha kwaso kungu-60% kuya phezulu kuba nzima ukuselapha. Lapha sikhuluma ngabantu abangu-30 iningi labo elizodinga ukuhlinzwa kukhishwe isikhumba esishile kusikwe esinye emzimbeni wazokupheshwe.
“Uma umuntu eshe kakhulu isikhumba esingasikwa emzimbeni wakhe sigcina singasekho kudingeke ukuthi athole umuntu ozomnikelela ngesikhumba sakhe.
“Kuleli abantu abaningi abaye basayine ukuthi banikela ngezitho zomzimba wabo uma beshona basuke bengasibalanga isikhumba. Ngaphezu kwalokho odokotela abawongoti bokuhlinza iziguli ezishile bayingcosana kakhulu kuleli," kuchaza uDkt Moore.
Uthe enye inkinga wukuthi isibhedlela ukuze sinakekele isiguli esishe ngalolu hlobo kumele sisebenzise uR10 000 ngosuku nakho okuzofaka ingcindezi enkulu.
Njengoba kuvela inkinga yokunakekela abashile enhlekeleleni, inkantolo imdedelile umshayeli weloli ethinteka engozini. Lokhu akwehlanga kahle emindenini yabathintekayo.