KUNENGE abameli babasolwa ukuhlehliswa kokufakwa kwencwadi edlulisela icala lokubulawa kwephoyisa likaMasipala weTheku, eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
NgoLwesibili, eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, bekulindeleke ukuthi lidluliselwe enkantolo enkulu icala lokubulawa kukaCaptain Thomas Zwelakhe Ntombela okwenzeka maphakathi nonyaka owedlule.
Umufi wahlaselwa wadutshulwa esemzini wakhe ngoMeyi 3, nyakanye. Waphuthunyiswa eSiphingo Medical Towers nokuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kokusocongwa kukaNtombela, kwaboshwa umkakhe, uNkk Faith Ntombela ongumsolwa wokuqala noMnuz Sithembiso Khumalo ongumsolwa wesibili onguthishanhloko wasesikoleni saKwaMaqumbi, KwaMaphumulo.
Kwavela nokuthi bebesebenzisana nenkabi esatshwayo KwaZulu-Natal, uKhulani Cele ongumsolwa wesithathu kuleli cala.
Umshushisi, uS Mohan, utshele inkantolo ukuthi ayikaphothulwa incwadi yokudlulisela ngokusemthethweni kwaleli cala eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Ucele iMantshi, uM Ngcobo, ukuba abanikeze esinye isikhathi sokuthi lokhu kwenzeke.
Uthe ehlala phansi, kwasukuma u-Advocate Mdu Mvune omele uKhumalo, wakhwela wadilika kuMbuso ewusola ngokubambezela icala.
Ulimise ngesihloko elokuthi lo mdlalo wokulitshaziswa kwaleli cala akasawuthandi nje nhlobo.
"Ngicela ukubuza ukuthi okwesingaki manje kuhlehliswa uma kufanele leli cala lidluliselwe eNkantolo eNkulu. Ngampela yini imbangela yalokhu?“ ebuza.
Uthe ukulitshaziswa kwaleli cala akukho kuhle ngoba kuhambisana nokuthi abasolwa bayaphela ephakethini.
Udalule ukuthi ube nengxoxo ende nomshushisi waseNkantolo eNkulu yaseThekwini, okunguyena ozobhekelela leli cala, u-Advocate Krishen Shah.
Kunoma yini eyenzekayo, uthe kumele kube khona ukucatshangelwa kwalabo abathintekayo kuleli cala. Nommeli kaNkk Ntombela, u-Advocate Ashwin Rugbheer, uhambe emagameni ka-Advocate Mvune.
Uthe kukhona okumele kwenziwe ngoba akusamukelekile ukuhlehliswa kaningi uma sekufanele leli cala lidluliselwe phambili.
Imantshi ithe icala lizobuyela enkantolo ngo-Ephreli 10. Yagcizelela ukuthi okokugcina ngci lihlehliswa.
Abasolwa uNkk Ntombela nenkabi, uCele bafike beqashwe ngeso lokhozi yinqwaba yamaphoyisa abehlome ngezinhlokohlela zezibhamu.
UNkk Ntombela ubebonakala ezikhululekile nje ngaphakathi enkantolo.