ANGASE ayibukele kwithelevishini inkulumo kamengameli, i-State of the Nation Address (Sona), yangonyaka ozayo amalungu e-EFF aphazamisa inkulumo kaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, nonyaka.
Ikomiti lasePhalamende elishushisa abe-EFF abasusa isidumo ngesikhathi uRamaphosa ethula inkulumo yakhe, lizwe isiphakamiso sokuthi amalungu e-EFF ayisithupha angavunyelwa ukuba athamele inkulumo kaRamaphosa yangonyaka ozayo.
Amalungu e-EFF ashushiselwa leli cala; umholi wayo, uMnuz Julius Malema, iphini lakhe, uMnuz Floyd Shivambu, uNobhala Jikelele, uMnuz Marshal Dlamini, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, uMnuz Vuyani Pambo, noSinawo Tambo.
Isiphakamiso sokuthi bangavunyelwa ukuba bathamele inkulumo kaRamaphosa senziwe ngesikhathi kuqhubeka ukushushiswa kwabo, izolo.
Ukushushiswa kwamalungu e-EFF kungene osukwini lwesibili, izolo. Lesi sigcwawu siqhubekile yize amalungu e-EFF esidikilile.
NgoMsombuluko, uMalema namalungu e-EFF adikila ukuqhubeka kwesigcawu emva kokuthi kuchithwe isicelo sabo sokuba kuhlehliswe ukuqulwa kwecala.
Amalungu e-EFF abefuna ukuthi kuqokwe ijaji eselathatha umhlalaphansi abelizolalela icala labo ngoba nakhu ekhala ngokuthi amalungu ePhalamende ayingxenye yekomiti elibashushisayo, iningi lawo aqhamuka kwi-ANC, achemile.
Emva kokuthi kuchithwe isicelo sabo, uMalema ukhwele wadilika kwikomiti, wathi angeke bavume ukushushiswa enkantolo yaphansi kwesihlahla.
Umshushisi, u-Advocate Anton Katz, uphakamise ukuthi amalungu e-EFF amiswe isikhathi esiyizinsuku eziyishumi, ngo-Febhuwari.
UKatz uthe lezi zinsuku eziyishumi kufanele ziqondaniswe nesikhathi lapho uRamaphosa ezokwethula inkulumo yakhe.
“La malungu akhombise ngokusobala ukuthi awayihloniphi inkulumo kamengameli. Kufanele kuthunyelwe umyalezo oqinile la. Kufanele bangavunyelwa ukuthi bathamele inkulumo kamengameli.
“Lapha baphoxa phambi kwezicukuthwane ezibalulekile okubalwa kuzo amajaji, kanye nababengomengameli. ISona iyithuba lokuthi umengameli atshele abantu ngezinhlelo zikahulumeni. Kuyadumaza ukuthi kunamalungu ePhalamende angayihloniphi le nkulumo.”
UKatz uphinde waphakamisa ukuthi amalungu e-EFF aphoqwe ukuba axolise.
Uthe kufanele axolise kuRamaphosa, usomlomo wePhalamende, nakubantu bakuleli.
Amalungu e-EFF athathelwe izinyathelo zokushushiswa emva kokuthi aphazamisa inkulumo kaRamaphosa.
Ayefuna ukuthi achaze ngokuntshontswa kwezindodla zamadola aseMelika epulazini lakhe.
Amalungu e-EFF aphuma esexhakathiswe ngabakwaSidlodlo emva kokuthi azama ukugibela lapho khona kwakukhuluma uRamaphosa.