ITSHE limi ngothi kwiNational Freedom Party (NFP), ephucwe uxhaso yi-IEC ngenxa yokungalethi amabhuku ezimali acwaningiwe njengokomyalelo okufanele ulandelwe amaqembu ezepolitiki.
I-NFP kayisaveli nasohlwini lwamaqembu ezepolitiki abhalisiwe futhi akeliswa kwisizindalwazi se-IEC.
I-NFP ikhungethwe yizinkinga zombango wobuholi futhi isibuyisana ngisho nasezinkantolo. Kuke kwaba nombango wezikhundla zayo ePhalamende nakhona yafakana ezinkantolo.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi i-IEC yephuce iNFP uxhaso lwemali ikhala ngenxa yombango wobuholi kuvela izinhlangothi ezimbili ezithi, zihola iqembu. Kamuva nje, kuthiwa iNFP ilethe amabhuku angamile kahle.
Bebuzwa abe-IEC ngalokhu, bakuqinisekisile ukuthi baluhoxisile uxhaso ngenxa yokuthi iNFP yehlulekile wukuhlonipha imigomo ebekelwe amaqembu.
“Kunjalo iNFP imisiwe yi-IEC ngenxa yokuthi yehlulekile wukuletha amabhuku emali acwaningiwe njengokomyalelo womthetho wokuxhaswa kwamaqembu ngemali,’’ kusho i-IEC.
Osebuholini besikhashana beNFP uMnuz Canaan Mdletshe, ukuqinisekisile ukuthi kunenkinga yamabhuku kodwa wathi yinto abayilungisayo. UMdletshe uthe baqashe enye inkampani yabacwaningimabhuku ezolungisa isimo.
“Siyavuma ukuthi kube nezinselelo ezidale ukuthi iqembu lingakwazi ukuthumela imibiko ngokuthi izimali esizithola kwi-IEC zisebenze kanjani. Kodwa yisimo esisilungisayo njengoba sesiqoke inkampani yabacwaningi mabhuku entsha,’’ kuchaza uMdletshe.
Uqhube wathi bayayihlonipha imithetho ebekwe yinhlangano yokhetho futhi bazimisele ukulungisa isimo baqhubeke njengeqembu.
“Kepha sifuna ukukucacisa ukuthi ukwehluleka wukuhambisa umbiko kwi-IEC, akuyona into ekhombisa ukwehluleka ukuphatha izimali kepha kube yinselelo ohlangothini lwalabo ebesibaqashile ukuthi basibhekele amabhuku,’’ kusho uMdletshe, ecacisa inselelo yeqembu.
Wachaza nokuthi udaba baluthatha njengolubaluleke kakhulu yingakho belusukumele phezulu. I-NFP ike yangena ehlazweni ngokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016, ngemva kokwehluleka wukungenela ukhetho ngenxa yokuthi yayingakhokhile kwi-IEC.