BAMISIWE abasebenzi bakaMasipala waseNewcastle, okuthiwa batholwa bedla amambawu bukhoma emini kwabha ngesikhathi somsebenzi, baze bashuthwa ngabantu.
UMasipala waseNewcastle usezandleni ze-IFP, eyawephuca i-ANC emuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021.
Isolezwe lithole ukuthi abasebenzi bakamasipala abahlanu bebenomkhuba wokuhlala epaki thizeni bashaye ezibandayo kubuka amalungu omphakathi.
Kuthiwa bakwenza lokhu befake ngisho izimpahla ezibakhombayo ukuthi basebenzela umkhandlu, kodwa bengazi nanyaka.
Leli phephandaba linaso isithombe esiveza laba bebeke okubonakala njengobhiya phambi kwabo.
Babonakala bezipholele kukhona abesilisa nabesifazane behleli etafuleni ngokukhulu ukukhululeka.
Kuthiwa kunomuntu thizeni owashutha laba ekhuza umhlolo wokuthi abasebenzi bomkhandlu badla utshwala ngesikhathi somsebenzi.
Isithombe sihambe saze safika ezikhulwini zomkhandlu nazo ezikhuze zababaza.
Lesi sithombe besisabalele nasezinkundleni zokuxhumana, kukhuzwa umhlolo wabasebenzi abangenandaba.
IMenenja kaMasipala uMnuz Zamani Mcineka, ikuqinisekisile lokhu yathi kunophenyo oluqhubekayo kodwa ayivumelekile ukwanda kakhulu okwamanje.
“Sibacele ukuthi balinde ngasekhaya ngoba sisaqhuba uphenyo olunzulu, emuva kwalokho bazovela esithangamini esifanele.
“Angikwazi ukukhuluma ngalolu daba okwamanje ngoba lusaphenywa, kufanele silusingathe ngobulungiswa,’’ kusho uMcineka.
Ngaphandle kokuphawula kwemenenja, bekukhishwe isitatimende ngalolu daba umasipala ukhala ngalesi senzo.
Umasipala uveza ukuthi lesi senzo sijivaza igama lawo futhi siwufaka ehlazweni kubantu abawakhele.
Uthe uma kukhona abanolwazi oluthe thuthu ngalezi zigameko bangesabi ukuwulekelela ngemininingwane ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanele.
Kwesinye isigameko phambilini Isolezwe labika ngabasebenzi bakaMasipala uMsunduzi, eMgungundlovu abatholwa becambalele emathuneni ngesikhathi somsebenzi.
Labo basebenzi bathathelwa izinyathelo bagcina besayine izexwayiso, bangaxoshwa.