UMYANGO wezeMfundo eGauteng uqinisekise ukumiswa kwabafundi abangu-12 ngezinsolo zokucwasa abafundi abansundu.
Kuthiwa lokhu kuvele ngesikathi kubikelwa ihhovisi lesifunda iTshwane South ukuthi abafundi balesi sikole bahlela imashi ngoLwesihlanu mhla ka 19 Julayi.
Umsusi wodweshu iWhatsApp Group evulwe ngabafundi abangondlebezikhanya ilanga abayisebenzisela ukuhlambalaza nokucwasa abafundi abamnyama.
Ngesikhathi izikhulu zesifunda zibiza umhlangano ophuthumayo nabafundi abebehlele imashi, zithole ukuthi sekunesikhathi yaqala le nkinga uthishanhloko ebikelwa kodwa engazithathi izinyathelo
Kuthiwa nethimba eliphethe esikoleni liyabacindezela abafundi abamnyama bebe bekhombisa uthando kwabamhlophe.
Lesi sikole asiqali ukuvela ezindabeni ngezinsolo zokucwasa ngoba ngo-2016 kwasuka umsindo ngesikhathi kubhikisha abafundi abamnyama bekhala ngokucwaswa nokucindezelwa ngenxa yezinwele zabo okwakuthiwa zimbi futhi akumele zihlale zingalukiwe ngoba kazibukeki kahle.
Kubikwa ukuthi abafundi abamisiwe bazobizelwa esigcawini sokuqondiswa ubugwegwe ngomhla ka 31 kwephezulu futhi uMnyango wezeMfundo uzoqhubeka nokuphenya izinsolo ezivezwe abafundi ngabasebenzi bakulesi sikole.