UKUVULWA nokuvalwa kwamabhishi eThekwini ngenxa yendle ekapakela olwandle nasemifuleni yakuleli dolobha, kuphazamisa ezomnotho nezokuvakasha.
Kusukela kuhlasele izikhukhula ngo-Ephreli nonyaka, ingqalasizinda eningi eThekwini okubalwa kuyo imigwaqo, amapayipi amanzi nawendle, yaguguleka enye yalimala, indle yagelezela emifuleni okubalwa kuwo uMlaza, uMngeni nasolwandle.
Kusukela ngaleso sikhathi amabhishi ayavalwa uma ehlolwe kwatholakala ukuthi anezinsalela zendle i-E.coli. Njengoba amaholidi kaDisemba eseseMome, sekube nokukhathazeka ngokuthi abavakashela eThekwini bezobona ulwandle angeke bafike ngoba amanye amabhishi asavaliwe.
USihlalo wenhlangano yabasemkhakheni wezokwamukelwa kwezivakashi iFederated Hospitality Association of South Africa (FEDHASA), uMnuz Brett Tungay, uthe ukukapakela kwendle emifuleni nasolwande kunomthelela ongemuhle kwezomnotho ezingeniswa yilo mkhakha.UTungay uthe sekunesikhathi le nhlangano ikhuluma nohulumeni emazingeni ahlukene kodwa kuncane osekwenziwe.
"Muva nje, amabhishi athile ayavalwa uma kutholakale ukuthi kunezinsalela ze-E.coli okuyigciwane elitholakala endleni. Uma kuvalwe ibhishi, yini engenza izivakashi ziqhubeke zize eThekwini? Akugcini lapho, namabhizinisi ahlomulayo uma kunezivakashi ezisuke zize olwandle, nawo ayathinteka.
“Njengoba sibheke emaholidini nje, asazi ukuthi isimo sizobe sesibuye esimeni noma cha. Sithandazela ukuthi kube nomlingo wokuthi lesi simo silungiswe ngoba uma ubheka isikhathi esesiphelile kuthiwa kuyalungiswa kungalungi nesesisele ngaphambi kokuthi kuqale amaholidi, kalikho ithemba," kusho yena.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe kuningi osekwenziwe kusukela kuhlasele izikhukhula.
"Siyazi ukuthi abantu abaningi bakhathazekile ngokuthi amabhishi abuye avalwe. Kuningi osekwenziwe ukulungisa lesi simo. Iningi lamapayipi aselungisiwe. Amabhishi amaningi asevuliwe, sisaqhubeka siyasebenza ukuze avulwe wonke nokulungisa yonke ingqalasizinda yamapayipi ekhahlamezekile," kusho uMayisela.
Phambilini, iMeya uMxolisi Kaunda, yethula umbiko ngengqalasizinda eyonakele, yathi kulindeleke ukuthi ngoNovemba amapayipi abe eselungisiwe.