YIZE abezimo eziphuthumayo bemfice esaphila usomabhizinisi odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ephuma emzini wakhe eSandton, ugcine ephangalele.
KUGCINE kumenele usomabhizinisi odutshulwe ngoLwesine ekuseni, ephuma emzini wakhe oseSandton.
Imibiko evela endaweni yesigameko ithi usomabhizinisi oneminyaka engu-43 ubudala ubehamba nomkakhe emotweni ngasesangweni lomuzi wabo kuColeraine Drive, eMorningside, ngesikhathi bebingelelwa oshayasibhamu abangaziwa ngoyaba lwezinhlamvu.
Kuthiwa umkakhe ukwazile ukubalekela egcekeni lomuzi wabo, wasinda kanjalo.
UKyle van Reenen, okhulumela i-Emer-G-Med, utshele abezindaba ukuthi bafike endaweni yesigameko umgilwa esaphila, walashelwa kuyo indawo yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.
“Sifike endaweni yesigameko sathola owesilisa esemotweni ebimbobombobo, ngesikhathi kuhlolwa isimo sakhe, kubonakale ukuthi usaphila,” kusho uKyle.
UColonel Dimakatso Nevhuhulwi, okhulumela amaphoyisa eGauteng, uthi bathole umbiko wokuthi bebebahlanu oshayasibhamu abahlasele lo somabhizinisi ekuseni. Uthi abasolwa bebehamba ngemoto yohlobo lweHyundai ix35, esiliva ngombala.