UMPHATHISWA woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uthi kumele uhulumeni enyuse imali esinikezwa omasipala, ngenxa yezinhlekelele ezibangelwa ukuguquguquka kwesimo sezulu, esivamise ukushiye amalungu omphakathi esele dengwane.
UButhelezi ukusho lokhu njengoba kusabatshazwa umonakalo odalwe umlilo wequbula obukhashwa yisishingishane somoya onamandla oshiye kukhalwa kwabanye omasipala abekhele lesi sifundazwe, kungqongqa imizi yabantu, imfuyo nempahla ebalulekile.
“Selokhu siwuqalile lo nyaka, inyanga nenyanga kuba nenhlekelele kanti omasipala abanayo imali eyanele yokubhekana nalezi zinto ngoba uma inhlekelele yenzeka, abantu babika ekhanseleni noma kwimeya kamasipala. Njengomphathiswa womnyango, lokhu ngizokubheka sibone ukuthi omasipala singabalekelela kanjani ekutheni isabelomali senyuswe ukuze bekwazi ukubhekana ngqo nalesi simo,” kusho uButhelezi.
Uthe abantu sebekhuzwe kakhulu ekutheni uma beqala umlilo kwesinye isikhathi ngenhloso yokubabela ikhaya, kumele bawugade umlilo ukuthi ungeqi. UButhelezi noMphathisa woMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma, kuzothi namhlanje bayobhonga emswaneni emzini wakwaGazu eZinyosi ku-ward 1, ngaphansi kukaMasipala Umlalazi.
Kudlule emhlabeni khona ilungu lomndeni, uMnuz Mntukabongwa Gazu (67) okuthiwa ushe wangqongqa nendlu abekuyo ngesikhathi umlilo ushisa izindlu ezintathu kulo muzi ngeSonto ebusuku, kanti elinye ilungu lalo mndeni lingeniswe esibhedlela lilimele kabi.
UDuma uthe umnyango wakhe unezinhlelo zokuthi umndeni wakwaGazu wakhelwe indlu yesikhashana ukuze ukwazi ukugoba amadlangala kuyo, uzile ngesikhathi kuqhubeka izinhlelo zokufihlwa kukaGazu.
“Ithimba lokuphiko lokuHlaliswa KwaBantu eliholwa yinhloko yomnyango, uMnuz Mdu Zungu, liyaqhubeka nomsebenzi wokwakha indlu yesikhashana ukuqinisekisa ukuthi umndeni uzilela ngesizotha othandiweyo wawo. Ukuhlonzwa kwemindeni ethintekile kwehla inhlekelele kuyaqhubeka, ngoba asifuni kube khona abakhahlamezwe yilesi simo abashiyeka ngaphandle,” kusho uDuma.
Izindawo ezithinteke ngenxa yale nhlekelele ngezakhele oMasipala Umlalazi, Inkandla, Umvoti nowaKwaNongoma.