Imibhikisho eyahlukene isiholele ekutheni uMasipala waseMdoni umise ukuhlinzeka izidingo ezifana nokuqoqwa kukadoti nokuvula izikhungo ezihlola abafundela ukushayela.
UMdoni usubhekane nemibhikisho eyahlukene emasontweni amathathu edlule ephazamise ukusebenza komkhandlu.
Emibhikishweni esibe khona kukhona owomphakathi okhala ngenkohlakalo nowabasebenzi.
Ngeledlule, bekunomunye umbhikisho womphakathi lapho ababhikishi benxuse ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa, ajube uphiko oluphenya inkohlakalo, iSpecial Investigating Unit, ukuba izophenya umkhandlu.
Ngaphambi kwalo mbhikisho, bekukhona owabasebenzi abakhala ngezinsiza zokusebenza. Namhlanje, kulindeleke ukuthi kube nomunye umbhikisho womphakathi emahhovisi omkhandlu.
Ngenyanga eyedlule, umkhandlu wakhipha isaziso somphakathi lapho owawuxwayisa khona ukuthi udoti angeke uqoqwe nokuthi kuzovalwa izikhungo ezihlola abafundela ukushayela ngenxa yemibhikisho.
Khona lapho, kuphinde kube nodaba lokumiswa kwenkotileka eyakha umgwaqo eDududu, umphakathi usola amakhansela ngokuqasha abasondelene nawo.
Sekuphele amasonto amathathu, umphakathi wakule ndawo uvale amasango kasonkontileka ufuna ukuthi kuphume abasebenzi othi sebephelelwe izinkontileka zezinyanga ezintathu abazisayina. Sekumele kuqashwe abanye abasohlwini lwabadinga umsebenzi emawadini amabili umgwaqo owakhiwa kuwo.
Ngakolunye uhlangothi, amakhansela athi asezamile ukuhlangabezana nomphakathi ngokuthi kubekhona abantu abasha abaqashwayo, ngaphezu kwalaba abakhona ngoba usonkontileka uthi usabadinga kodwa umphakathi ushaya phansi ngonyawo ufuna kuphume laba abebesebenza.
Omunye wamalungu omphakathi ocele ukungavezwa igama lakhe ngoba ethi wesabela ezokuphepha, uthe ngesikhathi kuqalwa iphrojekthi ngoFebhruwari, kwakuvunyelelwe ukuthi abaqashiwe bazosebenza izinyanga ezintathu badedele abanye, manje akusenzeki .Ngaphezu kwalokho, akusalandelwa amagama asohliwni labantulayo emawadini, sekubonakala nabantu abebengemuva ohlwini sebesebenza nokungebona abasemawadini athintekayo.
"Imihlangano esisabe nayo amakhansela awafuni ukulandela uhlelo, kunalokho athi azokwengeza abanye abasebenzi okuzokwenza ukuthi kungathathwa isibalo esiningi salaba abebengakahlomuli. Amakhansela afuna ukugcina abantu bawo. Ngeke sikuvume lokho uma sekuphele izinanga ezintathu umuntu akaphume kungene omunye," kusho yena.
USomlomo ophinda abe yikhansela lakwa-ward 3, kuMasipala waseMdoni, uMnuz Mthandeni Mbutho, uthe uyazi ngezinsolo zokuthi baqashe abantu babo.
“Into esibhekene nayo la ukuthi imiphumela yokhetho esiphuma kulo iveze ukuthi iqembu elithile ilona elithandwa ngabantu, manje lelo leqembu selifuna ukuphatha ekubeni ukhetho esiphuma kulo bekungelona olwamakhansela. Lenza noma yini ukuze kube sengathi ilona eliphethe. Lizibiza ngomphakathi, uma ningavumelani nokushiwo yilo lenza kungasebenzeki,” kusho uMbutho.
Uthe izinkontileka zabasebenzi ziyizinyanga ezintathu kodwa zibhalwe ukuthi usonkontileka uma esamdinga umsebenzi uzoqhubeka.
" Lo ‘mphakathi’ omise inkontileka kuthe uma ufika nesikhalo usonkontileka wathi uma kuqalwa phansi kuzoba izindleko ezengeziwe, kungcono engeze ngesibalo esithile sabasebenzi ngoba kudingeka umfaniswano, ukuthi baqeqeshwe nerekhodi lezempilo. Okuxakayo ukuthi lo mphakathi awufuni kuzwa lutho, ufuna kwenziwe okufunwa yiwo. Awufuni kuthatha mbono wamuntu, uncamela ukuthi umgwaqo ume noma ungayiswa kwenye indawo awunandaba. Asikwazi ukumisa abantu emsebenzini sebetshelwe ukuthi bayaqhubeka, nabo bazoteleka,“ kusho yena
Uqhube wathi kuMasipala uMndoni akusebenzeki ngenxa yabantu abathile abagovuza umphakathi kumiswe amaphojekthi. Amahhovisi kamasipala avaliwe, abasebenzi basesitelekeni.
UMphathiswa woMnyango wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uzohlangana nabasebenzi bakwamasipala abatelekile ngoMsombuluko.