THOKOZANI NDLOVU
K UZOCACA namuhla ukuthi kuyaqhubeka yini ukufunda esikoleni iMqhele Secondary eClermont kulandela ukuphazamiseka ngoLwesihlanu abafundi bevukwa umhayizo. Ukufunda kumile kwandiza emoyeni izithombe ezinekhanda lomholi waseBuhleni uMnuz Mduduzi Shembe namarosari asemaRomeni kulahlwa abafundi abebehayiza kuthiwa bahlaselwe yimimoya kaSathane.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kulesi sikole bekubonakala ukuthi wonke umuntu uthukile. Abafundi bebegcwele egcekeni lesikole abanye sebebuyela emakhaya.
Omunye wothisha ongathandanga ukudalulwa uthe inkinga iqale ngoLwesine ngesikhathi omunye wabafundi evele ephubuka ehayiza kungonakele lutho.
“Sithathe lo mfundi samvalela endlini sifuna ukuzwa ukuthi konakelephi. Usitshele ngokuhlaselwa kwakhe amadimoni sanganaka ngoba besingayikholwa le nto kanti kusazokonakala ekuseni. Ngesikhathi somkhuleko kuvele kwaduma isikole kuhayiza izingane zamantombazane. Ezinye bezikhala ngokuthi ziyasha ngesikhathi zikhulekelwa nguMfundisi Nkosinathi Zungu obelethe umkhuleko esikoleni,” kusho lo thisha.
Uthe nabo bebengasazi nokuthi babambe yiphi ingane ngoba bese kuhayiza inqwaba futhi zilokhu zikhiphana zodwa ezihlaselwe ngamadimoni.
Eqhuba uthe lezi ebeziphethe izithombe zikaMduduzi Shembe bese zizifuna la ngesikhathi seziphapheme.
Omunye wothisha obemanqika ukukhuluma ne Solezwe ukuqinisekisile ukuthi abafundi bebephethe izithombe ezinobuso bomholi waseBuhleni ezihluka-hlukene.
Bephawula abaseBuhleni bathe lolu hlangothi lunezitha eziningi bathi labo abathi izithombe zoNyazi zisetshenziswa yizingane ezinamadimoni bazama ukudicilela phansi isithunzi somholi wabo.
Omunye wabafundi oyintombazane oneminyaka engu-16 uzivumele ukuthi uhlaselwe ngamadimoni. Ugeqe amagula ngesikhathi echaza ngokuhlaselwa kwakhe yimimoya ngesikhathi efika ngoJanuwari kulesi sikole. Uthe baningi abafundi abanamadimoni kulesi sikole futhi bayazana bonke njengoba kukhona indawo abake bahlangane kuyona uma sebezogila imikhuba.
Uthisha walo mfundi uthe uvele uyahlupha nasekilasini futhi useke wasolwa ngokugwaza owesifazane obezihambela emgwaqweni kanti yena uyakuphika lokhu.
Uthishanhloko osabambile kulesi sikole uNkk Thuli Mthembu uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngenxa yokuthi akavunyelwe ukwenza kanjalo.