USUKUMELE indawo yangakubo kwezemfundo usomabhizinisi waseMsinga uMnuz Snothi Ndlovu ngokumema amanyuvesi ukuba azocija abafundi bakamatikuletsheni ngemigudu elandelwayo ukuze bamukelwe kuwona.
UNdlovu uhlanganise izikole zaseMsinga Top endaweni yakwaNocomboshe ngenjongo yokuthekela ulwazi.
Ulande izikhungo zemfundo ephakeme, iDurban University of Technology (DUT) neMangosuthu University of Technology (MUT). Lolu hlelo ulwenze ngaphansi kweFoundation yakhe iSnothi Care Foundation. Uthe kuningi okusafanele kwenziwe eMsinga.
"Nami akubanga lula ukungena enyuvesi ngesikhathi ngiphasa umatikuletsheni, ngiqhubeke nemfundo yami eMangosuthu emkhakheni wobunjiniyela kwaba nzima. Abantu bangakithi bekade bethi njengoba ngifundela lo mkhakha, okusho ukuthi ngifundela ukushayela umshini wokugugula umgwaqo. Kuze kube namanje izimo zisenzima emphakathini wakithi ngoba abanye abazazi izinto zasemanyuvesi. Ngibone kuyisu elihle lokusiza abantwana bangakithi eMsinga ngoba abakaze balithole leli thuba kule ndawo. Uma singabambisani endaweni yakithi, akukho okuyosiyisa phambili, " kusho uMnuz Ndlovu.
Kulo mcimbi bekukhona umlingisi woMkhokha: The Curse uKini Shandu, iJaji uMjabuliseni Madondo okuyijaji eligqame kakhulu ngesikhathi lixazulula umbango wobukhosi eNdlunkulu kaZulu phakathi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini noMntwana uSmakade bebanga isihlalo sobukhosi.
Imeya yaseMsinga, uMnuz Felinkosi Sikhakhan,e obeyingxenye yalo mcimbi, ibonge iqhaza elibanjwe uNdlovu.
Uthe lizoba khona ikusasa elihle emphakathini waseMsinga uma kubanjiswana.
"UMsinga yindawo ebidume ngezimpi. Sifuna ukuwuguqula udume nangemfundo. Sekuyaphaswa kahle manje eMsinga akusafani naseminyakeni edlule.
Omunye wabafundi uSiphosethu Ngubane, wasoSizo High School, uthe bahlomule kakhulu ngokufika kwamanyuvesi endaweni yakubo. Uthe wusizo lolo abebelibukela kude bezwa ngalo emisakazweni lwenzeka kwezinye izindawo.