LIZETHULE ngokusemthethweni emphakathini iqembu lezintombi nto, Amatshitshi Emvelo, elikhuthaza ukuziphatha kahle nokuzigcina kwezintombi, emcimbini obusoSindisweni, eNdwedwe, ngeSonto emini.
UNksz Kwanele Gcabashe waleli qembu elizinze oGunjini, khona eNdwedwe, nelasungulwa wuNksz Sbongile Chili, uthe bajabule kakhulu ngokuthi bagcine belethule ngokusemthethweni iqembu labo kubantu.
“Bese kuyisikhathi eside silwa nokuthola abaxhasi abazosisiza ukuze siqhube ikhwelo lethu lokukhuthaza ukuziphatha kahle nokuzigcina kwezintombi kodwa kulokhu kungengenzi kusuka ngo-2012, esaliqala ngawo.
“Yingakho namhlanje sijabule kangaka ngoba sigcine sikwazile ukulethula ngokusemthethweni emphakathini, ngenhloso yokuqhuba ivangeli lethu lokukhuthaza ukuzigcina nokuhlala ngentombi kwezintombi nto,” kuchaza uNksz Gcabashe.
Uthe zingaphezu kwa-150 izintombi nto eziyingxenye yaMatshitshi Emvelo, akholwa wukuthi ikhwelo lwabo selizozwakala kangcono manje njengoba sebezethule ngokusemthethweni emphakathini waseNdwedwe.
Umcimbi ubuhanjelwe yizinduna, amakhansela namalungu omphakathi waseNdwedwe namaphethelo.